U-Ace Ncobo ucacisa ngophawu ‘lweBucs’ nephenathi yeChiefs
By Njabulo Shezi
Owayengunompempe ohamba phambili kuleli, manje osengumhlaziyi wethelevishini u-Ace Ncobo usecacise ngezigameko esishiye abaningi bebambe ongezansi.
Lezi zigameko zenzeke emdlaweni weNedbank Cup obuphakathi kweKaizer Chiefs ne-Orlando Pirates ngempelasonto.
Esigamekweni sokuqala, unompempe u-Abongile Tom ubonakale eshaya uphawu lwe-Orlando Pirates.
Lokhu kwenzeke ngesikhathi umdlali wePirates uBandile Shandu ebelimele elele phansi.
UTom ubonakale ebheke ngasemabhentshini amaqembu eshaya lolu phawu olwaziwa njengolwePirates kuleli.
Lokhu kususe ukukhuluma kubalandeli bemsola ngokuthi ubeseziveza ukuthi uyiliphi phakathi kwalamaqembu.
IPirates beyigadulisana neKaizer Chiefs kulo mdlalo, kwagcina kunqobe yona ngo 2-1 esikhathini esengeziwe.
Nokho u-Ace Ncobo usecacisile ukuthi ubengaqonde khona ukuziveza ukuthi imizwa yakhe ingakuphi.
“Abantu bakuthathe isithombe lokhuya, bathi bukani; akumangazi ukuthi iPirates iwinile,” kusho u-Ace Ncobo kwabeSuperSport TV.
“Namuhla ngifuna ukufundisa ababukeli bwe-Extra Time ukuthi lokhu wuphawu lwamazwe ngamazwe lokukhombisa ukuthi lo olimele ulimele kakhulu.
“Noma ungaya kuphi, unompempe uzokwenza lolu phawu ukukhombisa ukuthi lo olimele – buka uze akhombise ukuthi ulimele entanyeni.
“Usuke ebatshela ukuthi abasheshe beze nohlaka nezinye izinsiza abazozidinga,” kuchaza u-Ace Ncobo.
Uphinde waphawula nangesigameko la iChiefs bekumele ibekelwe khona iphenathi kodwa uTom waziba.
“Kukhulunywe kakhulu ngokuthi kungani unompempe engamhlawulisanga lo mdlali oxebuke odongeni kade kushaya i-free kick.
“Kodwa uma ubheka kahle, ngesikhathi kukhahlelwa ubengakasuki odongeni… Kodwa ube esephakamisa ingalo yakhe.
“Ibhola libe selizishayisa kuyo ingalo engaphakathi ebhokisini. Bekumele kube yiphenathi.”
Kuthe uma ebuza u-Ace Ncobo ukuthi manje ngoba lo mdlali ubebheke le, engaboni nokuthi ibhola lizomshayaphi, wathi akusho lutho lokho.
“Manje akusabhekwa ukuthi bekuyinhloso yini noma cha ukuthinta kwakho ibhola ngengalo.
FUNDA NALA: Andile Jali: Uhambo alukapheli yize kunezihibe
“Ngabe ingalo isendaweni efanele noma ila uzibeka khona engcupheni yokuthi ibhola lingazishayisa kuyo?
“Yilokho okubhekwayo. Akalibhekile ibhola kodwa indlela ame ngayo ivimba ibhola ukuthi lingafiki kulaba elithunyelwe kubo.
“Bekumele impela kube yiphenathi,” kucacisa u-Ace Ncobo. Lesi sigameko senzeke ngesiwombe sokuqala iChiefs isalandela emuva ngo 1-0.