EzakamuvaIbholaiDStv Premiership

Andile Jali: Uhambo alukapheli yize kunezihibe

By Sbongs Gumbi

Umdlali weMamelodi Sundowns okunokuqagela okuningi ngekusasa lakhe u-Andile Jali usebhale umlayezo onomqondo ocashile, eshiya abalandeli beqagula kakhulu kunakuqala. 

Lo mdlali onamava futhi oke wadlala naseBelgium uphelelwa yinkontileka ekupheleni kwale sizini kanti kuze kube manje akucaci ngaye. 

Imenenja yakhe uMike Makaab isanda kuveza ukuthi akulula ukuthi u-Andile Jali angaqhubeka kwiSundowns yize izizathu engazivezanga. 

Sekunesikhathi ke le njini yasesiswini ingadlali kwiSundowns nokwenza kwabaningi kucace ukuthi isikhathi sayo kuleli qembu sesiphelile.

Ngokusho kukaMakaab, kungenzeka abuyele phesheya noma athole khona lapha ekhaya njengoba kukhona amaqembu amfisayo. 

Kuke kwakhula ukuqagela ngokuthi angase abuyele kwi-Orlando Pirates okuyiyona aduma futhi wazakhela igama ebholeni lakuleli. 

Lokhu kwaqala ngesikhathi uPhumudzo Manenzhe efana isithombe sika-Andile Jali egqoke ijakhethi ayeyinikwe esadlala kwiPirates kudala. 

Uma egcina ebuyela kuyo, kuzobe kungeyena owokuqala ukusuka kwiSundowns abuyele kweZimnyama njengoba noKermit Erasmus enzile kule sizini. 

“Sanibonani ekuseni. Uhambo alupheli,” ubhale kanje u-Andile Jali kwiFacebook yakhe ngoLwesibili efake nesithombe eme phezu kwemoto yakhe ebomvu. 

“Kuzohlezi kukhona ukukhula, impucuzeko nezihibe, wena nje kumele ukwamukele konke bese wenza okufanele. 

“Kumele uqhubeke nokukhula, uqhubeke nokuphila kuleso sikhathi,” kuqhuba lo mdlali. 

Akucaci ke ukuthi ubeqonde ukuthi useqhubekela phambili nempilo ushiya emuva iSundowns noma usho ukukhula khona ngaphakathi eqenjini.

FUNDA NALA: I-Arrows izimisele ngokumhlalisa unomphelo emboleke kwiPirates

Phela umqeqeshi weSundowns uRulani Mokwena wake washo ukuthi uyamhlonipha futhi ubona enekusasa ebholeni noma eseyekile ukudlala. 

Kungenzeka ke naye iSundowns imthathise umhlalaphansi bese enikwa isikhundla ngaphakathi eqenjini njengoba kwenzeka ngoTiyani Mabunda noHlompho Kekana.