EzakamuvaIbholaiDStv Premiership

IKaizer Chiefs isizolwela ukuvikela abalandeli ehlazweni

By Sihle Ngubo

Ithemba leKaizer Chiefs lokuqeda isizini bengahlazekile okungaphezulu kwalokhu okuyikhona abalandeli bayo, ukuthi impintshele ukuyivala endaweni yesithathu kwilogi yeDStv Premiership.

Amakhosi asanda kukhishwa yi-Orlando Pirates kwiNedbank Cup, kwaphela nya ngephupho lokuthola indebe kule sizini egoqwayo. 

Ezika-Arthur Zwane zinalo ithuba lokuqeda endaweni yesithathu kwilogi bese zizibekisela indawo kwiCaf Confederation Cup.

Okokuqala okubalulekile okumele kwenziwe yiKaizer Chiefs ukuzibambela mathupha kwiSuperSport United abazobhekana nayo koweligi eMbombela Stadium, ngoMgqibelo ngo-3 ntambama. 

AmaTsatsantsa a Pitori angenhla kweChiefs endaweni yesithathu ngamaphuzu angu-48, kanti iChiefs inamaphuzu angu-44 endaweni yesine.

Ukuwina kweKaizer Chiefs ngoMgqibelo kungayibeka ebuhleni ngaphambi kwemidlalo yokugcina yeligi ngoMeyi 20, njengoba ingaba namaphuzu angu-47. 

IChiefs izovala isizini ngokwamukela iCape Town City FC, kanti iSuperSport izovakashela iSekhukhune United ngoMeyi 20.

Ukuze iKzier Chiefs iyodlala kwiConfederation Cup kumele iwine imidlalo emibili eyisalele bese ithembe ukuthi iSuperSport ayiwatholi amaphuzu aphele emdlalweni wayo wokugcina neSekhukhune, evuthayo kulezi zinsuku. 

Iqembu eliqeda endaweni yesithathu kwilogi yeDStv Premiership lidlala kwiConfederation Cup, lihambisana nalelo eliwina iNedbank Cup.

FUNDA NALA: Uyaqina umkhankaso wonozinti kwi-Orlando Pirates, icuthele noweSundowns

I-Orlando Pirates ibukeka isizibekisele indawo kwiCAF Champions League njengoba ingase iqede endaweni yesibili kwilogi. 

Inamaphuzu angu-50 kanti isalelwe yimidlalo emibili. Izobhekana neSekhukhune koweligi ngoMgqibelo. 

Iyona futhi ezodlala kowamanqamu weNedbank Cup lapho izobhekana neSekhukhune ngoMeyi 27 eLoftus Stadium, ePitoli.