URiveiro ucacisa ekaLepasa neBafana, kodwa ucasha ngesithupha
Umqeqeshi we-Orlando Pirates, uJose Riveiro uthe ngeke yena aphawule ngokwenzeke kumgadli wakhe, uZakhele Lepasa kwiBafana Bafana.
ULepasa washiya isigubhukane kwiBafana ngempelasonto edlule, kwavela amahlebezi okuthi kungenxa yokuthikamezana nomqeqeshi uHugo Broos.
Lo mqeqeshi wakuchitha lokho, wathi uLepasa udedelwe ngoba elimele. Kodwa okuxakayo wukuthi kungani kungazange kusheshe kumenyezelwe lokho.
URiveiro uthi yena wabona ngoLepasa nje esethushuka ejimini yePirates ngoMgqibelo ekuseni.
ULepasa wayekade edlale isikhashana esincane kwiBafana ibhekene ne-Eswatini ngoLwesihlanu kusihlwa.
“Kumele nikuqonde ukuthi mina angazi lutho ngokukhulunywayo ngoba angifundi, angibuki futhi angazi ukuthi kwenzakaleni,” usho kanje uRiveiro.
“Engikwaziyo wukuthi uZakes ubuye ekhempini yeqembu ngoMgqibelo ekuseni uma ngingaphazami, ngenxa yokulimala.
“Ukukhuluma iqiniso nje, ubevele ethintekile ngoba nasemdlalweni wamanqamu weMTN8 walungela ukudlala ngosuku lokugcina.
“Nomdlalo wawuqeda evele engasekho esimweni esifanele, kodwa wakwazi ukuya eqenjini lesizwe.
“Kwenzekeni ekhempini yeqembu lesizwe? Anginalwazi ngalokho. Kodwa ke angikholwa ukuthi kuyinto enhle ukuqagula ngesimo sabadlali.
“Uma kuwukuthi uZakes akazange adlale kahle eqenjini lesizwe, yizwa ngami, lokho kungenxa yokuthi ubengekho esimweni esifanele…”
URiveiro ube eseveza ukuthi okwamanje naye akazi noma uzobe esekulungele yini ukudlala uLepasa kwiPirates.
EziMnyama zizoqala umkhankaso wazo kwiCarling Cup ngokubhekana neCape Town Spurs e-Orlando Stadium ngoLwesihlanu kusihlwa.
“Angikungabazi ukuthi uma engadlalanga kahle, kungenxa yokulimala,” kuqhuba lo mqeqeshi.
FUNDA NALA: Isililo sePSL kushona inkakha yePirates neBafana
“Useqala ukuba ngcono. Kodwa akakalungi ngokuphelele futhi anginaso isiqiniseko sokuthi sizoba naye yini ngoLwesihlanu.”