Uzoxoshelwa ‘ukungezwa’ kwiStellies owalaxazwa yiChiefs
IStellenbosch ingase iphinde idedele omunye umdlali ngenxa yokuhluleka ukuziphatha.
Leli qembu elicijwa uSteve Barker lidedele uKgaugelo Sekgota ngoJanuwari.
Yize lona lingazange lisiveze isizathu, Impempe yathola ngemithombo yayo yaphinde yabika ukuthi kwakungenxa yokuhluleka ukuziphatha.
Bekungakapheli nezinyanga eziyisikhombisa efikile kuleli qembu uSekgota exoshwa.
Manje iFAR Post ibika ukuthi nomunye umdlali, uDarrel Matsheke, ojoyine iStellenbosch esikhathini esingaphansi kwezinyanga ezinhlanu ezedlule, usendleleni.
Lo mbiko uthi uMatsheke uke wavela ekomidini eliqondisa ubugwegwe kuleli qembu ngecala lokungaziphathi kahle.
Nokho ufike kuleli komidi wazimoshela kakhulu kunokuthi azincengele ukuze axolelwe noma ahlwuliswe bese ebuyela emsebenzini wakhe.
UMatsheke ubebonakala eza kahle kulandela ukufudukela kwiStellies ngo-Okthoba ngemuva kokudedelwa yiqembu akhulele kulo, iKaizer Chiefs.
Amakhosi adedele uMatsheke ngo-Agasti 2023 ngemuva kokuchitha isizini edlule ebolekiswe kwiMoroka Swallows.
Wakhushulelwa eqenjini elikhulu leKaizer Chiefs ngesikhathi sikaGavin Hunt eNaturena. Ngesikhathi iStellies imsayina, ubesezojoyina iqembu leMotsepe Foundation Championship, iCasric Stars.
“Kuke kwaba nodaba lokuqondiswa kobugwegwe ekilabhini,” kusho umthombo ocashunwe kulolu daba.
“Nokho kuthe uma selukhulunywa udaba lwakhe, wakhala ngokuthi yena akadlaliswa.
“Usole umqeqeshi ngokuba nezintandokazi eqenjini. Ngicabanga ukuthi kungaleso sikhathi lapho ikilabhu icabange khona ukumdedela.”
“Ubengaphumela obala axolise ngokungaziphathi kahle kwakhe, indaba idluliswe.
FUNDA NALA: Usihlalo weRichards Bay ungene emabhukwini amabi kwiPSL
“Kodwa kunalokho usole umqeqeshi ngokukhombisa ukuchema nabadlali abathile eqenjini.”