Kulula okudingeka kwenziwe iChippa United ukuzihlenga ezembeni
Sihle Ngubo
IChippa United ingase ishovele iMarumo Gallants emidlalweni yokuhlunga uma ibuya namaphuzu aphelele kwiTS Galaxy ngempelasonto.
IGallants isayibambe kwiCaf Confederation Cup, lapho ishaywe khona ngo 2-0 emlenzeni wokuqala kowandulela owamanqamu.
Kodwa ke ekhaya isengozini yokwehlela kwiMotsepe Foundation Championship ngesizini ezayo.
IChilli Boys neGallants banamaphuzu angu-29 kodwa iChippa isalele emuva ngomdlalo owodwa.
Lokhu kuchaza ukuthi ukuwina kweChilli Boys kwiGalaxy kuzoyibeka ngaphezulu kweGallants ngaphambi kokusongwa kwemidlalo ngoMeyi 20.
“I-TS Galaxy iyiqembu elinzima ukulishaya… kodwa siyazi ukuthi yini okumele siyenze,” kusho uLehlohonolo Seema ocija iChippa.
“Umoya ukahle ekhempini kodwa asizithelile ngabandayo. Ngibayekile ukuthi babhiyoze abadlali ngemuva komdlalo odlule kodwa kube yinto yesikhashana.”
IChippa izobhekana neLamontville Golden Arrows emdlalweni wokugcina kanti iGallants izodlala neSwallows FC ngoMeyi 20.
Okudingwa yiChilli Boys ukuthi ingashaywa emdlalweni wokugcina (uma iwinile kwiGalaxy ngempelasonto) bese ingayi ngisho kweyokuhlunga.
Konke lokhu kungase kwenze iMaritzburg United iqonde ngqo ehlathini noma ingayiwina eyayo imidlalo emibili esele.
FUNDA NALA: IKaizer Chiefs isizolwela ukuvikela abalandeli ehlazweni
“Ngesikhathi ngifika ngabatshela abadlali ukuthi sinemidlalo yamanqamu emibili. Okubalulekile ukuwina bese singazihluphi ngokuthi abanye badlale kanjani,” kusonga uSeema.
IChippa igcine ishaye iRichards Bay FC ngo 3-2 emdlalweni wokugcina lapho ike yalandela khona ngemuva ngo 2-0. Nakanjani leli qembu laseGqeberha lizolwa emidlalweni emibili esasele.