EzakamuvaIbholaiDStv Premiership

UMabhuti Khenyeza: Sithathwa kancane ngoba singenamkhaba’

By Sbongs Gumbi 

Umqeqeshi weGolden Arrows uMabhuti Khenyeza, osebenza ngokubambisana noVusumuzi Vilakazi, usevele wagadla esikhulwini esiphethe ezokuqeqesha kwiSafa. 

Lokhu kulandela ukuthi lesi sikhulu, uWalter Steenbok abalula uMabhuti Khenyeza nabanye abaqeqeshi ngamagama ethi baqashwe ngokwenzelela emaqenjini abakuwo. 

USteenbok wakusho lokhu ngesikhathi ekhuluma esiteshini somsakazo ezokwethula izinhlelo zakhe zokuqinisekisa ukuthi abaqeqeshi bayawufundela lo msebenzi. 

Nokho wabuye waxolisa ethumela umlayezo kamakhalekhukhwini kuVilakazi ngalesi senzo sakhe kwazise bobabili laba baqeqeshi be-Arrows banazo izicucu ezifanele. 

Impempe ingakuveza ukuthi bobabili uMabhuti Khenyeza noVilakazi banezitifiketi ezibizwa ngeCaf C License.

Ebuzwa ngalokhu uKhenyeza ngoLwesine ejimini ye-Arrows, uthe babukelwa phansi, wasola ukuthi yingoba bengenamkhaba. 

“Ngesikhathi siqala lo msebenzi, kwadingena sifake indlela yethu yokudlala eqenjini,” usho kanje uKhenyeza ekhuluma nabezindaba. 

“Kuthatha isikhathi ke lokho. Ukhumbule nokuthi thina sisebenza ngabadlali abanganamagama adumile… 

“Kodwa kwaba kuhle ngoba kusifakele inselelo njengoba singabaqeqeshi abathathwa kancane. Angithi kumele ube nomkhaba ukuze uhlonishwe uma ungumqeqeshi kuleli.

“Noma kumele ube nempandla. Angazi nami,” kuchaza uMabhuti Khenyeza owangumgadli kuyo i-Arrows namanye amaqembu ehlukene phambilini. 

“Njengabaqeqeshi abangengama, kwasifakela inselelo kodwa kube yinto enhle. Sikwazile ukudlula kuleso sigaba. 

“Asikho isipiliyoni esibaluleke ukwedlula lesi esisithole kule sizini. Manje sekumele sidlulele esigabeni esilandelayo. 

“Akukhona nje ukubheka okwenzeka enkundleni, kodwa kuningi okumele sikwazi ukukulawula. Uyehlulwa, bese kumele uthole indlela yokubuya. 

“Akumele ubakhombise abadlali ukuthi kuyazwela uma nihluliwe yize ngaphakathi usuke ubila. Kukhona nezinye izinto okumele uzinake. 

FUNDA NALA: Kulula okudingeka kwenziwe iChippa United ukuzihlenga ezembeni

“Ngingenza isibonelo nje, enye yezinto ezisilimazile amabhola abekwa phansi noma uma sihlaselwa ngokuzumisa kodwa sikwazile ukukubona lokho futhi kumele sikulungise ngesizini ezayo. 

“Yizinto okumele udlule kuzo ukuze uzazi bese uzilungisa,” kuchaza lo mqeqeshi obonakala enekusasa elihle. 

UMabhuti Khenyeza useke wasebenza njengephini lomqeqeshi kuMaZulu FC neMaritzburg United. Uke waba ngumqeqeshi ngokuzimela kwiTS Galaxy isedlala kwiMotsepe Foundation Championship.