EzakamuvaIbholaiDStv Premiership

UPitso Mosimane ufuna abakuleli eSaudi Arabia, ufuna abeDowns?

By Sbongs Gumbi

Umqeqeshi wakuleli osazinze eSaudi Arabia okwamanje, uPitso Mosimane uthi kumele abadlali bakuleli bakucabange ukuyodlala kuleli lizwe. 

Uthi bengahola imali enhle futhi baphile kahle noma sebeyekile ukudlala ngenxa yemiholo nemihlomulo emihle etholakala eSaudi Arabia. 

UPitso Mosimane uqeqesha i-Al Ahli eSaudi Arabia kanti useyinyusele esigabeni esiphezulu yize isizini ingakapheli futhi esafuna nokuthi adle isicoco seligi. 

Ekhuluma noThabiso Mosia kwiRadio 2000 ngoLwesine kusihlwa, uPitso Mosimane uthe ufisa ukuvulela abadlali bakuleli amathuba eSaudi Arabia. 

Leli lizwe lingamanye acebe kakhulu emhlabeni njengoba linmnotho kawoyela futhi liphethwe ngendlela ehlelekile. 

Kumanje iligi enkulu yakhona ikwazile ukuhlwitha uCristiano Ronaldo ongomunye wabadlali abahola izindodla zemali. 

Kunemibiko ethi noLeonel Messi uya khona eSaudi Arabia ngesizini ezayo uma eseshiya kwiParis St Germain adlala kuyo njengamanje eFrance. 

“Uma singakwazi ukuba nabadlali baseNingizimu Afrika kwi-EPL (iligi yase-England) okuyiligi ephambili emhlabeni, kungani singabi nabo abeza eSaudi Arabia?

“Lapha kwiligi yesibili kunabadlali abahola imali eholwa kwiSundowns,” kusho uPitso Mosimane kulolu hlelo. 

Uyazi ke lo mqeqeshi ukuthi ukufaka igama leSundowns kufana nokushutheka isandla esidlekeni seziqandi. 

Ube esecacisa ukuthi wenza isibonelo ngayo ngoba uke wasebenza kuyo futhi uyazi ukuthi abadlali bahola malini khona. 

“Angifuni ke kube khona abazothi uPitso Mosimane usefuna ukuthatha abadlali bethu… 

“Sihlale sikuluma ngenhlalo yabadlali futhi lapha abadlali bengahola imali enhle bathenge nemizi.

FUNDA NALA: UMabhuti Khenyeza: Sithathwa kancane ngoba singenamkhaba

“Singakhona ukuthenga uPeter Shalulile noma uGaston Sirino. Ukhumbule ukuthi ngiyazi laba badlali bahola malin. 

“Yimi owabasayina. Ngasayina uShalulile… cishe u-80% wabadlali beSundowns basayinwa yimi,” kuchaza lo mqeqeshi.