U-Onyango akafuni iphinde iphume kuleli indebe ye-AFL
Njengoba indebe yeCaf African Football League isilapha eNingizimu Afrika, unozinti weMamelodi Sundowns, uDenis Onyango akafuni iphinde iphume.
Le ndebe izosala kuleli, iyokwengeza kwinqwaba esekhabetheni kwiSundowns, noma ihambe iye eMorocco kwiWydad Athletic.
Iqembu okuyilo elizothola le ndebe edlalelwa okokuqala, lizohamba nemali ebalelwa ngu-R7-million.
Lizophuma emdlalweni weSundowns neWydad ozoba seLoftus Verseveld Stadium ngeSonto ngo-3 ntambama.
ISundowns kuzomele izibambe ziqine kulo mdlalo njengoba lezi zimbangi zayo zasenhla ne-Afrika zihamba phambili nje.
IWydad yanqoba ngo 2-1 isekhaya ngempelasonto edlule okuyibeka endaweni engcono njengoba isiza kuleli nje.
Okunye okuzomele ikuqaphele iSundowns wukuqinisa unyawo njengoba seyivele ike yakhishelwa abadlali ngamakhadi abomvu emidlalweni emibili ngaphambi kwalo wamanqamu.
U-Onyango, naye ukugcizelele ukuthi kuzomele bakuqaphele ukuthi abazitholi sebeshoda ngoba abadlali beWydad bayakwazi ukucelela umuntu ikhadi elibomvu.
“Sesike saba nezingqinamba ngabadlali bethola amakhadi abomvu emidlalweni yethu edlule kanti abanye kumanje bamisiwe njengoba siya kowamanqamu nje.
“Kodwa ngicabanga ukuthi sonke siyawazi umsebenzi osihlalele,” kusho lo nozinti odabuka e-Uganda.
“Kufuneka uzame ukunqoba umdlalo ngokushesha ungalindi uze uyongena esikhathini esengeziwe ngoba lokho kuqansisa izinto.
“Sesike sakubona okwenzeka uma kukhahlelwa amaphenathi, kusuke sekufana nokudlala ilotho nje.
“Iqembu lizinikele ekugwemeni ukuphoxa abalandeli ngoba le ndebe isifikile eNingizimi Afrika, akumele siyidedele ihambe.”
Uma umdlalo uphela iSundowns ihamba phambili ngo 2-1, kuzoyiwa kumaphenathi la kuzohlukana khona inhloko nesxhanti.
FUNDA NALA: Selukhishiwe usuku lokufihlwa kukaBongi Ntuli
Ukuze inqobe le ndebe ngokukhululeka, iSundowns kuzomele inqobe bese ingangenelwa goli kulo mdlalo wangeSonto.