EzakamuvaIbhola

Lihle impela ikhono ku-Andile Jali, kodwa useshiphe kakhulu

By Sihle Ngubo

U-Andile Jali, osanda kuchithwa yiMamelodi Sundowns, ungumdlali onekhono elingangatshazwa kodwa ikhanda liqinile futhi ukoma kuyamehlula.

UMhlekazi, njengoba aziwa kanjalo kwabanye kunobhutshuzwayo kuleli, usibamba sithule du isisu futhi akulula ukudlula kuyena. 

Ngaphezu kwalokho uphasa kahle kanti uyakwazi nokudedela odalimede bamashodi.

U-Andile Jali uhlukane nompetha beligi engayitholanga nendondo yeseligi ngoba ubesengekho eChloorkop. 

Konke kuqale ngesikhathi kuvela ukuthi ufike ejimini edakiwe, wase emiswa yiqembu ngaleso senzo sakhe.

Umfo kaJali uvele waqoqa amasakana akhe waqonda kubo eMatatiele wayoqhubeka nokuziphuzela. 

Akahlalanga kakhulu lapho ngoba bekuvela ukuthi ubebonakala egruva e-Eastern Cape, engayinakile indaba yokuthi kukhona iqembu abelidlalela elibizwa ngeMamelodi Sundowns. 

Ngaleso sikhathi lelo qembu belibheke ukuwina isicoco seligi nokudla iCaf Champions League, ngaphansi komqeqeshi uRulani Mokwena.

Umbuzo omkhulu uthi amabombo abheke kuphi manje ku-Andile Jali njengoba eshiye eshiphe isishiphi esingaphelelanga eChloorkop kuphela. 

Sikapakele eGatueng yonkana, yiWestern Cape naKwaZulu-Natal. E-Eastern Cape ubesengasashiphi uJali kodwa ubesefundisa abanye izindlela ezahlukene zokushipha – egruva ezidlela imali yakhe.

Ezinyangeni ezedlule imenenja yakhe uMike Makaab, izwakale ingakhathazekile ngaye ngesikhathi ibuzwa ngekusasa lalo mdlali owake wayibamba nakwi-Orlando Pirates.

“U-Andile angase athole iqembu phesheya kwezilwandle, abuyele khona,” wacashunwa esho kanje uMakaab.

Nokho ngeke kumangaze ukubona uJali ethushuka kwelinye lamaqembu eDStv Premiership angesabi ukusayinisa umdlali ohlupha ngokuziphuzela utshwala, nangesikhathi somsebenzi. 

Elinye lalawo maqembu AmaZulu FC, azijubile asayinisa uGabadinho Mhango, obekuthiwa uyahlupha kwiPirates noDumisani Zuma, ochithwe yiKaizer Chiefs ngakho ukuthanda amankwebevu.

FUNDA NALA: NoPitso uyamvuma uJose Riveiro ogile izimanga engathenjiwe

Kodwa ke njengoba kuvela ukuthi leli qembu laseThekwini lifuna ukuzihlela kabusha nje, lidedele abadlali abahluphayo, mhlawumbe nalo lizomnqaba. 

Kulindeleke ukuthi AmaZulu amemezele laba badlali abahambayo ngoMsombuluko. Bekumele yenze lesi simemezelo ngoLwesihlanu kodwa sabuye sahlehliswa.