U-Ayanda Ngcobo uvuma ingcindezi ngeHarry Gwala Marathon
By Alfred Ngubane
Umpetha weHarry Gwala Marathon u-Ayanda Ngcobo usephumele obala ngokuthi uyazizwa izigi zezinsizwa ezisemva kwakhe ezigaqele lesi sicoco sakhe.
Uthi ikhona ingcindezi njengoba ezohubhana nabasubathi ekade bendawonye nabo futhi abazanayo kakhulu.
Uzobe ezama ukuvikela lesi sicoco sakhe exinwe ngabasubathi abenabo kwiXcel Running Club abafana noNdumiso Sokhela osekwiMax Elite Running Club.
U-Ayanda Ngcobo uthi lokho kumlethela itwetwe ngalo mjaho nakuba ethwele amathemba eXcel Running Club.
“Amalungiselelo ahamba kahle kakhulu futhi sekoshiyana umshefezo ngempelasonto,” kusho lo msubathi.
“Angifuni ukuzifaka ingcindezi engenasidingo ngakho ngizogijima ngendlela yami engiyaziyo.”
Lo mjaho usudonse abasubathi abaningi abaphuma emazweni asenhla ne-Africa koKenya nase-Ethiopia.
La mazwe anabasubathi abahamba phambili emhlabeni jikelele njengoba bezenzela kalula emijahweni ehlukene.
Khonamanjalo, abasubathi bakuleli banenselelo yokuqeda ishobolo lokuhlulwa ngabasubathi baseKenya nase-Ethiopia ekhaya.
Sekucacile ukuthi abakuleli banokungenwa amanzi emadolweni uma kukhona abasubathi bangaphandle, ikakhulukazi abaseKenya.
FUNDA NALA: UPitso Mosimane ufuna abakuleli eSaudi Arabia, ufuna abeDowns?
Omunye wezikhulu kwezokusubatha kuleli sitshele Impempe ukuthi kunenkinga kubasubathi bakuleli eqhamuka uma kukhona abaseKenya emjahweni.
“Bavele bafake amakhanda phansi,” kusho lo mthombo weMpempe ocele ukungadalulwa.
“Abanye balibeka ngembaba elokuthi ngeke bamelane nabo ngenxa yezinga eliphezulu kakhulu kulabasubathi abaziwayo umhlaba wonke.”