EzakamuvaiNedbank Cup

UVictor Hlungwani uveza okushiwo umthetho ngephenathi yeBucs

By Sbongs Gumbi

Owayengunompempe ophambili kwiPSL uVictor Hlungwani uthi akukho okungafanele okwenzekile ngesikhathi kubekelwa i-Orlando Pirates iphenathi emdlalweni wamanqamu kwiNedbank Cup. 

IPirates ibekelwe iphenathi sekubalwa amanenjana kuphele isiwombe sokuqala, yathola igoli lokulinganisa. 

Nokho isigameko esiholele kule phenathi yiso esisuse izinkulumo eziningi njengoba abanye bethi bekungamele ibekwe. 

Nokho uVictor Hlungwani uthi ngokwemithetho yebhola, ibekwe kufanele le phenathi futhi akukho phutha unompempe alenzile. 

“Ngokomthetho webhola kuyicala ukuthi umdlali athinte ibhola ngesandla noma ngengalo ngenhloso,” ucashunwe esho kanje ngabeFar Post ngeSonto. 

“Ngakho manje uzibonile izandla zakhe zinyakaza ziya ngasebholeni, okokuqala lokho. Okwesibili, ibhola limthintile eminweni yakhe. 

“Lokho kusho ukuthi kunecala eselenziwe, umthetho osho njalo,” kucacisa uVictor Hlungwani osathatha umhlalaphansi. 

“Akusho mina, kodwa umthetho osho njalo,” kubeka uHlungwani osengumhlaziyi kwiSABC Sport. 

“Ngakhe ke uma kunecala lokuthinta ibhola ngesandla kube sekuthathwa isinqumo esifanele sokubeka iphenathi. 

“Ukuthi ubelele phansi noma ubemile akusho lutho, okubhekwayo wukuthi ngabe izandla zakhe zinyakazile yini zaya ngasebholeni.” 

UVictor Letsoalo ubekade elele phansi ngesikhathi iPirates ihlasela ibhola likuThembinkosi Lorch. 

Ube esebonakala ekhipha isandla ethinta ibhola ezama ukulichiliza ezinyaweni zikaLorch, unompempe uThando Ndzandzeka akangangabaza walikhomba emlotheni. 

FUNDA NALA: IChippa United igoloza ukusiza umdlali owalimala ekuyo

Abanye ke bakhale ngokuthi bekungamele uLorch aqhubeke nokudlala kukhona umdlali lele phansi ngoba elimele. 

Kodwa kube ukubekwa kwephenathi uLetsoalo wasukuma naye eyoama ukuphikisana nesinqumo sikanompempe.