EzakamuvaIbhola

Ucashe ngesithupha uHanamub ebuzwa ngePirates emfunayo

URian Hanamub ukuvumile ukuthi kungaba wukufezeka kwephupho lakhe uma engasayina kwi-Orlando Pirates, kodwa akangafuna ukucacisa ukuthi uke wakhuluma yini nayo.

Lo mdlali wasemuva kwesokunxele waMaZulu FC ubengomunye wabadlali abebesohlwini lwePirates, efisa ukuqinisa ngabo. 

Indlela adlala ngayo yenza kungangabazeki ukuthi engafike angene khaxa esitayeleni sePirates ngoba uyakwazi ukusiza uma kuhlaselwa. 

Futhi unekhono elihle lokugoba ibhola, alibeke endodeni isebhokisini bese kusala kuyo ukuthi yenza njani. Muhle nakumabhola abekwe phansi.

Impempe isanda kubika nje ukuthi uRobert Nauseb, owake wadlala kwiKaizer Chiefs unxuse leli qembu laseNaturena ukuthi limlande uRian Hanamub. 

“Kuyiphupho lanoma yimuphi umdlali ukudlalela elinye lamaqembu amakhulu ezweni,” ucashunwe kanje kwabe-iDiski Times uma ebuzwa ngokumataniswa nePirates. 

“Kodwa uma kungenzeki lokho, naMaZulu ayiqembu elikhulu ngokwawo futhi ngijabule kakhulu ngokuba lapha. Ngihlezi ngizimisele ukukhipha wonke amangwevu ukusiza iqembu.” 

Kuthe uma ebuzwa ukuthi kukhona yini ake wakuzwa ngokuthi iPirates iyamdinga le eSoweto, uvele wangena ezintangeni. 

“Angazi noma kufanele yini ngikhulume ngaleyonto ngoba akuyona indawo yami,” kusho uRian Hanamub. 

“Ngilana njengamanje, futhi ngizinikele ngokuphelele eqenjini futhi ngizoqhubeka nokuzikhandla. 

“Ngeke wazi ke ukuthi uMdali ukubekeleni futhi ke mina ngingumuntu omethembayo uNkulunkulu namacebo akhe. 

“Angifuni ukuzibeka esimweni ezingase zingenze nginake ezinye izinto, ngilibale umsebenzi ongihlalele.” 

URian Hanamub, odabuka eNamibia, ubengomunye wabadlali abebeseqenjini leBrave Warriors elibambane neBafana Bafana ngo 0-0 ngempelasonto. 

FUNDA NALA: Okusha ngoNkanyiso Zungu ozama inhlanhla kuMaZulu

Lamaqembu – asengenile kwiCaf Africa Cup of Nations ezoba se-Ivory Coast ngoJanuwari – abezwana amandla e-Orlando Stadium ngoMgqibelo.