UTerrence Dzvukamanja uphika eyokusebenzela inkontileka entsha kwiBucs
By Njabulo Shezi
Uyaphika ukuthi unyuse izinga ngoba esefuna inkontileka entsha kwi-Orlando Pirates umgadli uTerrence Dzvukamanja.
Kuke kwanemibiko eveza ukuthi lo mgadli odabuka eZimbabwe uzochithwa kuleli qembu ekupheleni kwesizini uma inkontileka anayo seyiphelile.
Nemenenja yakhe uMike Makaab uke wacashunwa kweminye imithombo yabezindaba iveza ukuthi isiqalile iyamzamela engxenye.
Nokho sekubukeka kuzoba nzima kwiPirates ukuthi ingamdedela uTerrence Dzvukamanja ngoba usebuyele efomini futhi uwusizo eqenjini.
Yize ngayibhakuzisi njalo inethi, kodwa uyawenza umehluko eqenjini njengoba ephakela ozakwabo ukuthi bashaye amagoli.
Nomqeqeshi wePirates uJose Riveiro ubonakala emthanda lo mdlali kulezi zinsuku ngoba akasali eqenjini eliqala imidlalo.
Ebuzwa ukuthi ngabe ukuvuseleleka kwakhe kungenxa yokuthi uyabona umnyango uyavuleka, uTerrence Dzvukamanja ukuchithile lokhu.
Ubekhuluma nabezindaba ejimini yePirates eRand Stadium, eGoli ngoLwesine njengoba belungiselela umdlalo wabo neSekhukhune United ngempelasonto.
“Bengingakwazi lokho mina. Bengizwa nje ngabantu bethi kunamahlebezi agcwele yonke indawo okuthi ngingase ngihambe,” kusho lo mgadli.
“Mina angikaze ngikunake lokho futhi bengingadlaleli ukuthi ngifuna inkontileka entsha ngoba endala iphela.
“Mina ngihlezi ngizinikela futhi ngizikhandla ukusiza iqembu,” kuchaza lo mgadli ofike kwiPirates esuka kwiBidvest Wits eminyakeni emithathu edlule.
Abalandeli bePirates nokho ngeke babe nandaba ukuthi udlalela inkontileka entsha noma cha lo mgadli uma nje ezoqhubeka nokubhakuzisa inethi.
Uzobe esabhekiwe ke uTerrence Dzvukamanja ekutheni eze namagoli kule midlalo emitathu esele yePirates kule sizini.
KwiDStv Premiership isele nemibili okunguwo lo weSekhukhune osekhaya e-Orlando Stadium ngoMgqibelo ngo-3 ntambama.
FUNDA NALA: UPitso Mosimane ufuna abakuleli eSaudi Arabia, ufuna abeDowns?
Iyobe seyivala iligi ngaMaZulu FC ekuhambeni eMoses Mabhida Stadium ngoMeyi 20. IPirates salwela ukuqeda endaweni yesibili kwilogi.
Ngemuva kwalokho iyobe seyidlala umdlalo obaluleke kakhulu okungowamanqamu kwiNedbank Cup neSekhukhune eLoftus Versveld Stadium ngoMeyi 27.