EzakamuvaIbhola

Sekuyisiqalo sokuphela kwesikhathi sikaJordaan kwiSafa lesi

Ukuhlasela koKlebe eSafa House ngoLwesihlanu kungenzeka kube yisiqalo sokuphuma kukaDanny Jordaan kwiSafa, ngokusho kombiko weCity Press ngeSonto.

Isitatimende esikhishwe oKlebe ngoLwesihlanu siveze ukuthi bagasele eSafa House, okuyikhaya leSouth African Football Association (Safa).

OKlebe bathe bebeyophenya ngezinsolo zokusetshenziswa budedengu kwemali yale nhlangano nguDanny Jordaan. 

Nokho iSafa izichithile lezi zinsolo esitatimendeni sayo esikhiphe ngoLwesihlanu ebusuku.

Owayeyilungu lesigungu esiphezulu kwiSafa, uWilly Mooka, utshele iCity Press ukuthi kobe bangamagwala laba abasele kwiSafa uma bengamcelanga ukuthi ashenxe. 

“Kulele kulaba abakhona njemanje ukuthi kufanele yini abahole uma ebhekene nala macala abucayi kanjena. 

“Kodwa ngingasho ukuthi (uJordaan) akashenxe ngoba awukwazi ukuba nomuntu onefu elilenga phezu kwekhanda lakhe ehola inhlangano efana neSafa.”

Ngokubika kweCity Press i-laptop eshaqwe oKlebe ngekaGronie Hluyo oyiChief Financial Officer (CFO) yeSafa.

Abakwazanga ke nokho ukungena ehhovisi likaJordaan, ngoba belikhiyiwe.

“Abakuthola kumele ukube (kuwubufakazi) obanele bokushayela isipikili sokugcina njengoba iCFO (uHluyo) ibisebenza ngaphansi komyalelo wakhe. 

“Icala lincike kakhulu enkampanini yezokuxhumana (ayiqasha) ukuthi imvikele ngesikhathi esolwa ngokudlwengula. 

“Uphinde waqasha onogada ngezindleko zeSafa. Okubi kakhulu wukuthi nguye owasayina ezinye zalezi zivumelwano ezihlomulisa yena yedwa,” kusho umthombo weCity Press.

UJordaan wasolwa ngokudlwengula ngo-2017 ngowayeyilungu lePhalamende le-ANC, uJennifer Ferguson, kwathi naphakathi kwalezo zinsolo akazange ehle esikhundleni sokuba ngumengameli weSafa.

ICity Press ithi, nokho, oKlebe bangase bengeze amanye amacala kuJordaan, okungaba yimali engu-R70 million eyakhokhelwa isikhungo iFun Valley Resort and Entertainment. 

“Iqiniso ukuthi ijaji lingasayina incwadi egunyaza ukuseshwa kusho ukuthi likholelwa ukuthi kunecala okumele aliphendule enkantolo (uJordaan). 

“Ngicabanga ukuthi inqubo elandelayo ukuthi abekwe icala ngokusemthethweni futhi abhekane nengalo yomthetho,” kwengeza umthombo weCity Press.