CAF Champions LeagueEzakamuvaIbhola

Ugqilaze abalandeli beSundowns uPercy Tau eweza i-Al Ahly

By Sbongs Gumbi

UPercy Tau usefake abalandeli beMamelodi Sundowns itwetwe kwiCaf Champions League ngemuva kokushaya amagoli amabili esiza i-Al Ahly isondele kowamanqamu kulo mqhudelwano. 

ULion of Judah, okuyisidlaliso sikaPercy Tau, uphenduke iqhawe njengoba i-Al Ahly ishaye i-Esperance ngo 3-0 ekuhambeni emlenzeni wokuqala. 

Lamaqembu abegadulisana emdlalweni owandulela owamanqamu kulo mqhudelwano iSundowns ezibheke kakhulu kuwo. 

Sekucishe kucace ukuthi uma iSundowns ingakwazi ukudlula kwiWydad Athletic, iyobe seyiphinde inqwamana ne-Al Ahly kowamanqamu. 

Okuxakayo ke wukuthi laba balandeli bathuka nje iSundowns iyiphendule ompushana i-Al Ahly esigabeni samaqoqo kuwo lo mqhudelwano. 

Kodwa mhlawumbe yindlela leli qembu lase-Egypt eselivuke ngayo eyenza babe netwetwe lokuthi lingabagila, libaphuce iqatha selisemlonyeni. 

Phela indlela evutha ingabaselwe ngayo iSundonws kulo mqhudelwano yenza kubonakale kuyiyo okumele idle lesi sicoco, yengeze inkanyezi yesibili ebhejini yayo. 

UPercy Tau, ozohlanganisa iminyaka engu-29 ngoLwesibili oluzayo, ushaye amagoli amahle akhombise ukuthi usebuyele kuleli qhawe aziwa eyilo. 

Elokuqala ulishaye kusaphele imizuzu eyisishiyagalombili umdlalo uqalile, elesibili walibeka enethini ngomzuzu ka-55. Elesithathu lishaywe nguMahmoud Kahraba. 

Ngaphezu kwalamagoli, uPercy Tau udlale kahle kakhulu futhi ubengalithola nelinye igoli. Kwayena uKahraba kumele ngabe uphume namabili. 

FUNDA NALA: Kukhalwa ngesikhulu ku-Arthur Zwane exosha umdlali kwiChiefs

Kukhona la uTau embekele elihle ibhola emkhipha uqekelele, wabhekana nonozinti kodwa wavele walikhaba labheka entalashishi lo mgadli.

Useshaye amagoli ayisikhombisa, wakhela ozakwabo amathuba okushaya amagoli amahlandla ayisishiyagalolunye emidlalweni eyisikhombisa kusukela ebuye ekulimaleni.  

ISundowns yona izodlala ngoMgqibelo ebusuku neWydad emdlalweni obhekwe ngabomvu kwazise leli qembu laseMorocco yilo elingompetha abavikela indebe.