EzakamuvaIngosi

UMBONO: Ugida ndawonye njengeChippa uMnyango wezeMidlalo eKZN

By Alfred Ngubane

UMnyango wezeMidlalo KwaZulu-Natal usunomunye ungqongqoshe. Phela ongqongqoshe kulo mnyango bashintshwa ngathi kuncintiswana noChippa Mpengesi. 

Njengamanje lo mnyango ungaphansi kukaDkt Ntuthuko Mahlaba, kodwa ngabe kukhona okusha eza nakho noma azokwenza kulo mnyango? 

Lona ngumbuzo ozophenduleka ngokuhamba kwesikhathi kuphela kwazise baningi asebebuya kulo mnyango kepha abangenza lutho olutheni. 

UMnyango wezeMidlalo ungomunye waleyo engumgogodla kubantu besifundazwe. Kodwa  awubenzeli lutho. 

Kunalokho kwenziwa imicimbi engapheli, kwenziwe izethulo zezinhlelo ezizokwenziwa phambi kwabezindaba khona bezotshela abantu  amampunge.  

Kulandwa izingane ukuzokwakha isichuse kwabezindaba. Uma sekufanele kuphakwe  imiphumela  yalezi zinhlelo, kuvele kucashwe ngesithupha. 

UDkt Mahlaba ungena kulo mnyango nje kuchitshiyelwa ngaye njengoba ephuma komunye umnyango. 

Kusanda kugajwa u-Amanda Bani-Mapena kowezeMidlalo ngenxa yezinsolo zokuthi ubesebenzisa imali yabakhokhi bentela budlabha. 

Wagcina ngokuthi engalubeki emsebenzini kahulumeni ngesikhathi seCaf Schools Tournament, ekomunye umcimbi la sekuqhume izinsolo zokuthi kwakubhukudwa emanzini amponjwana kuwo. 

Aziqali ke izimanga kulo mnyango. Ngaphambilini bekukhona uHlengiwe Mavimbela. Yena ke wagixabeza usomabhizinisi odumile waseThekwini uShauwn Mkhize weRoyal AM ngemali yabakhokhi bentela.

Kwabakhona ukukhala kwabaningi ukuthi kukhona amaqembu ezokusubatha nawebhola  lomphakathi angalutholi uxhaso kodwa yena unika umuntu onemali nongaswele. 

UBongi Sithole-Moloi yena kwabakhona ukukhala ngomjaho weMandela Marathon nogcine usushabalele ngenxa yokuthi osopolitiki bebexebula umkhoma emnyangweni wezemidlalo ngegama lawo. 

UNtombenhle Sibhidla-Saphetha, naye oke waba ngungqongqoshe kuwo lo mnyango, ngaphambilini wahluleka ukuphatha lo mnyango. 

NoWeziwe Thusi wamehlula lo mnyango. Manje umbuzo umile: ngabe kubhekwephi nalo mnyango? Akufanele ngabe ubalwa neminye la inkohlakalo idla bume khona. 

FUNDA NALA: Isizemazema senkinga kwiPirates ngecala likaLorch

Nepolitiki ke yokuthi ongqongqoshe bengayihambeli imicimbi yezemidlalo eyenziwa komasipala la iqembu labo lingaphethe khona iyagqilaza nje. 

Incisha izingane ezisuke zizama ukuveza amakhono azo ithuba lokuzibonakalisa, nokuthola usizo olufanele ukuze ziqhubekele phambili.