BUKA: U-Andile Jali ungcebeleka nabangani, uzidlela amambawu
By Sbongs Gumbi
U-Andile Jali, okusanda kuvela ukuthi uke wamiswa kwiMamelodi Sundowns ngoba efike ejimini edle amanzi ampnjwana, useyazingcebelekela.
Lo mdlali wasesiswini onekhono elihle uke wafaka isithombe esinkundleni zokuxhumana esihambisana nombhalo onomlayezo oxakayo.
Kulesi sithombe ubeme phezu kwemoto ebizayo, iFord Mustang, wabe esebhala ukuthi uhambo lunezihibe kodwa alukapheli.
“Sanibonani ekuseni. Uhambo alupheli. Kuzohlezi kukhona ukukhula, impucuzeko nezihibe, wena nje kumele ukwamukele konke bese wenza okufanele.
“Kumele uqhubeke nokukhula, uqhubeke nokuphila kuleso sikhathi,” wabhala kanje u-Andile Jali ngeviki elidlule.
NgeSonto ekuseni kuse sekukhona ividiyo la lo mdlali ebonakala ezingcebelekela nabangani bakhe bangakubi eMatiela.
Bahamba ngezimoto eziphambili nezithuthuthu kanti bagqoke izimpahla ezikhomba ukuthi banenhlangano yezithuthuthu (Bike Club).
Akazwakali ke kahle u-Andile Jali ukuthi uthini kule vidiyo kodwa akushoyo kuyahlekisa njengoba abangani bakhe bephela yinsini.
Ukhulula nje uphethe ibhodlela lesiphuzo esidakayo ngesandla futhi noma esebona ukuthi kukhona omshuthayo akaxwayi.
Inkontileka yakhe iyaphela kwiSundowns ekupheleni kwesizini kanti kubhekwe ngabomvu ukuthi uzophelela kuliphi iqembu.
KwiSundowns usenesikhathi agcina ukudlala futhi sekucacile ukuthi isikhathi sakhe kuleli qembu sesiphelile njengoba esenza izinto eziphambene nemigomo yeqembu.
Le vidiyo seyisuse nokuphikisana ezinkundleni zokuxhumana njengoba kukhona abasola abangani bakhe ngokuyiphanyeka esidlangalaleni lento yakhe.
FUNDA NALA: Harry Gwala Marathon: Usinile, omunye wakhihla isililo benqoba
Abanye basola yena uqono u-Andile Jali ngokuthi kungani esendaweni la ephuza khona ekubeni kumele ngabe usemsebenzini kwiSundowns.
Kuzokhumbuleka ke ukuthi uphuzo oludakayo seluqede ngekusasa lenqwaba yabadlali kuleli kanti abanye babeka amakhokho ethala bengenalutho ngenxa yalo.