Ziyaphela izaba kuJohnson, uveza angakuthandi ngeChiefs
SIHLE NGUBO
Umqeqeshi weKaizer Chiefs, uCavin Johnson, uveza ukuthi yini angayithandanga ngesikhathi beshaywa yiChippa United emdlalweni weDStv Premiership eBuffalo City Stadium, ngoMgqibelo.
Amakhosi aphinde athola isibhaxu okwesibili kulandelana ngemuva kokuguqiswa yiChilli Boys ngo 2-0 enkundleni ebinodaka e-Eastern Cape.
Bekulindeleke ukuthi iChiefs isule abalandeli bayo izinyembezi, ngemuva kokudlula emhlabeni kukaLuke Fleurs, nokho iChippa yathi yona ayilona iduku lokwesula izinyembezi.
Phakathi nesonto eledlule iChiefs ikhale ngaphansi kwiStellenbosch FC ngo 1-0 nokuchaza ukuthi ilahle amaphuzu ayisithupha emidlalweni emibili edlule.
“Namuhla bekumele sigoqe umdlalo emizuzwini engu-20 yokuqala,” kusho uJohnson ngemuva komdlalo.
“Sithole amathuba amathathu, amane noma amahlanu okushaya amagoli, besingabenza basilandele ngemuva.”
Bekubukeka sengathi iChiefs izolishaya kuqala igoli kulo mdlalo. Nokho ngomzuzu ka-21 u-Eva Nga ungqofele phakathi igoli leChippa.
Ithe isazama ukubuya ihlangane iChiefs, wabuya uSinoxolo Kwayiba washaya elinye igoli ngomzuzu ka-32.
“Ngesiwombe sesibili sizamile ukubuya njengoba bese silandela ngemuva ngo 2-0. Uyazike kuhlale kunzima uma sekunjalo,” kuqhuba uJohnson.
“Cisho u-80% wesikhathi besisengxenyeni yabo kodwa besihluleka ukubamba ibhola ngendlela.
“Ukushaya igoli elilodwa bekungasibuyisela emdlalweni sithole nelinye. Kodwa lokho akuzange kwenzeke besilokhu sizama ukubuya sonke isikhathi.
“Ngeke ngisho okuningi ngendlela abadlale ngayo abadlali bami. Ngicabanga ukuthi babe nomdlalo omuhle.”
FUNDA NALA:Â UMabasa ubase i-Arrows, ujabulele ukuba sekhaya
Yinye kodwa into angayithandanga uJohnson: “ukuthi sidedele amagoli amabili alula kakhulu.”

