Wilfred Mugeyi: Izimenenja ezithanda imali eziletha ‘oBimenyimana’
By Alfred Ngubane
UWilfred “Silver Fox” Mugeyi owaduma kakhulu kwiMtata Bush Bucks ngokuhlohla amagoli, ukhala ngezimenenja zabadlali athi seziletha abadlali uvucu nje kwiPSL.
Le nkakha edabuka eZimbabwe ikhale kakhulu ngomgadli weKaizer Chiefs uCaleb Bimenyimana ethi akekho nhlobo ezingeni lokudlala kuleli.
UMugeyi usho lokhu nje kulandela ukuthi umqeqeshi weChiefs, u-Arthur Zwane etshele lo mdlali ukuthi uma engawanyusi amasokisi uzomkhomba indlela aafika ngayo.
UZwane kuvela ukuthi ukusho lokhu esidlangalaleni, phambi kwabanye abadlali nokuyinto engabaphathanga kahle.
Kodwa uWilfred Mugeyi uthi uyakuqonda okwenze uMangethe aze agcine esekhulula kanje.
“Uma ngabe ungumdlali wokuhamba kuleli kumele usebenze ngokuphindiwe,” kusho le nkakha.
“Kumele ukhombise ukuthi abadlalanga ngemali abakulandile. Uma ngabe ungenzi kahle uvalela abadlali abaningi base zweni ophuma kulona.
“Kodwa uma udlala kahle uvulela abadlali abaningi ukuzothola amadlelo aluhlaza kuleli,” kuchaza uWilfred Mugeyi.
Uthi ngemuva kokufika kwakhe nomfowabo uWilliam Mugeyi, kwalandela inqwaba yabadlali baseZimbabwe kuleli ngoba amaqembu ayesebonile likhona ikhono.
“Mina ngafika kuleli ngihamba nomfowethu uWilliam kwiMtata Bush Bucks. Ngemuva kwalapho kufike abagadli abaphambili abaphuma emazweni ase-Africa.
“Kwabafike bashisa nabo ngingabala uDennis Lota, Bunene Nganduane, Raphael Chukwu ngoRoger Lupiya.
“Ngales sikhathi kuleli kwakuvele kunabagadli nakhona abanzima. Kubo kwakukhona oPhil Masinga (ongasekho), Bennett Masinga, Shaun Bartlett, Pollen Ndlanya noDaniel Modau.
“Sasincintisana nalaba bagadli kube ncane indawo. Manje mina ngiyazisola lezi zimenja eziletha abadlali abangacacile abasuka ngaphandle.
“Ziqhuba imali phambili kodwa ziletha intuthu yabadlali ongaboni lutho kubo. Mina ngasheshe ngambona uBimenyimana ukuthi akekho ezingeni lokudlala kuleli.
“Ngicabanga ukuthi nezwe lakhe alikho ezingeni elihle ebholeni lase-Afrika , liphansi kakhulu,” kusho uWIlfred Mugeyi.
BUKA: U-Andile Jali uzodlela ubumnandi nabangani bakhe
UBimenyimana owaseBurundi futhi ungomunye wabadlali beqembu lesizwe lakhona. Ufike wathembisa kwiChiefs, kodwa kwaya ngokucaca ukuthi bekungumlilo wamaphepha.