Owe-Maritzburg ucacisa ‘ngokuhlola’ owayengumgadli wePirates
PHILI HLONGWANE
Umqeqeshi weMaritzburg United, uSimo Dladla ucacisa ngokuba khona kukaThamsanqa Gabuza eqenjini njengoba bebedlala kwiKZN Premier’s Cup ngempelasonto.
UGabuza udlalile ngesikhathi iTeam of Choice, egijima kwiMotsepe Foundation Championship, ibhekene neRoyal AM emdlalweni wamanqamu ePrince Mangosuthu Regional Stadium, Olundi, ngeSonto.
Kulo mdlalo kugcine kunqobe iThwihli Thwahla ngo 4-3, yakhala yemuka nendebe. Phambilini iMaritzburg idlale neRichards Bay FC yanqoba ngo 6-5 sekukhahlelwa amaphenathi. Umdlalo ubuphele ngo 0-0.
UDladla akaphikanga ukuthi bangamsayinisa uGabuza oneminyaka engu-37 kodwa futhi akacacisanga ukuthi bazosithatha nini isinqumo ngalo mgadli oke wayibamba kwi-Orlando Pirates.
“Ukukhuluma iqiniso akukhona ukuthi siyabahlola laba badlali (okukhona kubona noGabuza). Sifuna ukubabona ukuthi bayangena yini kulokhu esikwenzayo,” kusho uDladla.
“Sifuna ukubona ukuthi kukhona yini abangasinika kona kodwa siyazi ukuthi bangabadlali abanjani nokuthi bangenza ini. Esikufunayo nje ukubabona ukuthi bayangena yini esitayeleni sethu ngokwamava nobuholi esikholwa ukuthi banakho.”
Ebuzwa ngamathuba okusayina uDladla uthe: “Hhayi okwamanje. Kusekhona nento yokuhlolwa ukuthi bayimiqemane yini. Lapha sizothola ithuba lokubabona bese ngemuva kwalokho sizothatha isinqumo siqedele izinto.”
UGabuza uke wadlala kwiSuperSport United kanti ugcine esemabhukwini eTS Galaxy.