EzakamuvaEzokusubatha

Harry Gwala Marathon: Usinile, omunye wakhihla isililo benqoba

By Sihle Ngubo

UJobo Khatoane waseLesotho uvele wasina ewina iHarry Gwala Marathon 42,2 ka-2023, eSayidi, eMzikhulu ngeSonto.

Le nkunzi ivele yathi “le nto ye-21km bengilokhu ngiyithatha kodwa ngijabule namuhla.”

Lo mgijimi uwine -R50 000 ngokuwina lo mjaho ekuseni ngovivi eMzimkhulu.

“Ngeke ngiqambe amanga ngijabulile. Angikaze ngijabule kanje.”

Izulu liyivumile iHarry Gwala Marathon yize liqale lakhemezela ekuseni. Bezishintshana ngejubane emzileni kodwa bekulokhu kucaca ukuthi obani abafana emadodeni.

“Ngeke ngithi benginecebo elitheni kodwa ngiyabonga ukuthi ngiphumelele,” kusho uJobo Khatonane. 

Lo mjaho bese ugijinywa okwesoshiyagalolunye kulokhu. Ophume isibili kube uSinethemba Tshangase odabuka khona eMzimkhulu. 

Lo mbhemu uvele wakhihla esikaNandi ebonga ugogo wakhe esho nokusho ukuthi u-R30 000 awuwinile usho lukhulu kuyena.

“Ngijabula kakhulu futhi ngibonga umndeni wami. Angazi nokuthi ngithini ngendlela engesese ngayo. Yo angazi,” kusho uTshangase.

FUNDA NALA: Uswele isihlangu agiye uGavin Hunt egqema iChiefs ‘eyamhlaza’

Ubelokhu eqabula ugogo wakhe kwaze kwazwela ngisho kwabezindaba. Omunye wabezindaba uze wakhala ebona ukulila kwalo mbhemu obehluleka ukuzibamba ngenxa yenjabulo.