EzakamuvaIbholaiDStv Premiership

UVina Maphosa uveza okusha ngokulimala kukaZwane weChiefs

By Sbongs Gumbi

Okhulumela iKaizer Chiefs uVina Maphosa useveze ukuthi akubona abalandeli abalimaze umqeqeshi u-Arthur Zwane ngempelasonto. 

Bese kugcwele imibiko ethi uZwane ushaywe yibhodlela ebelitshingwe abalandeli ngesikhathi bemjikikela eRoyal Abfokeng Sports Palace eRustenburg. 

UZwane uphume esegadwe amaphoyisa kule nkundla kulandela ukushaywa kwezakhe yiSuperSport United ngo 1-0. 

Abalandeli bathukuthele bathelwa ngamanzi, baqala umbhikisho bethi akahambe manje uMangethe, badelile ukuhlukumezeka ngenxa yakhe. 

Kodwa uVina Maphosa useveze ukuthi empeleni uZwane ulimale ngemuva kokushayiseka ehhawini lelinye lamaphoyisa abemgadile, emvikela kubalandeli. 

“Ngingakuqinisekisa ukuthi umqeqeshi ulimalile ngemuva komdlalo,” kusho uVina Maphosa kwabeRadio 2000 ngoMsombuluko. 

“Ulimale esweni wabe esethola ukwelashwa. Akalinyazwanga yizinto ebeziphoswa abalandeli kodwa ulinyazwe yisihlangu sephoyisa ebelimvikela.

“Uyelulama kahle umqeqeshi futhi kufanele ukuthi uzobe ekhona ebhentshini emdlalweni wethuwokugcina neCape Town City.” 

UVina Maphosa uphinde waveza ukuthi sebekwazile ukubahlonza abalandeli abaqale uthuthuva futhi bazolandelwa ngezinyathelo zomthetho. 

“Yize engalinyazwanga yizinto ebezijikijelwa abalandeli, sesikwazile ukubahlonza abalandeli abathathu abebengagqokile imifaniswano yeqembu abaqale ukujikijela. 

“Lesi senzo sabo siyihlazo ngoba thina siziqhenya ngokuba abafana bokuthula noxolo,” kuchaza uVina Maphosa. 

FUNDA NALA: Ngabe kubuya izinduku ku-Arthur Zwane osejikelwe abalandeli?

Uyichithile nemibiko esigcwele yonke indawo ethi iqembu selicabanga ukumdedela uZwane ngenxa yokugqoza kwemuphumela. 

“Akuyona into esiphezu kwayo ukumchitha umqeqeshi. Ngeke sicabange ngemizwa kodwa sizobheka izinto ezibalulekile. 

“Kuningi iqembu eselikufakile kuZwane futhi usengumqeqeshi weKaizer Chiefs,” kucacisa uVina Maphosa.