CAF Champions LeagueEzakamuvaIbhola

UPitso Mosimane ufunwa elaseTunisia elifuna iChampions League 

By Sbongs Gumbi

Umsebenzi omuhle owenziwa umqeqeshi wakuleli uPitso Mosimane usumvulele elinye ithuba njengoba esekhonjwa eTunisia. 

UPitso Mosimane usanda kwenyusela iqembu laseSaudi Arabia i-Al Ahli esigabeni esiphezulu obese kuphele iminyakanyaka lizama ukungena kuso kodwa lehluleka. 

Lo mqeqeshi uzisholo yena ukuthi uzoshiya kwi-Al Ahly ngoba umsebenzi ayewubizelwe usewuphethile. 

Nokho abaningi bebefisa ahlale kuleli qembu kwazise kule ligi i-Al Ahly ezodlala kuyo kudlala uCristiano Ronaldo kanti noLeonel Messi angase aye kuyo ngesizini ezayo. 

“Umsebenzi ufeziwe, ebesicelwe khona sikwenzile. Inkunzi ebisilale isikhathi eside sesiyivusile ezinyangeni eziyisishiyagalombili,” ubhale kanje uPitso Mosimane kwiTwitter.

“Loku sikwenze ezweni elisha, ezwenikazi elisha, ngesi-Arabhu bathi Khalsa! Lokhu kusho ukuthi ‘sekufeziwe’. 

“Ngiyabonga ngokungethemba ngalo msebenzi onzima kangaka,” kuqhuba lo mqeqeshi owazakhela igama kuleli. 

Ubefike kuleli qembu kulandela ukushiya kwakhe kwi-Al Ahly yase-Egypt la abenza khona umsebenzi omuhle njengoba anqoba izicoco zeCaf Champions League kabili kulandelana.

Nokho kubukeka engeke awuswele umsebenzi njengoba eshiya nje eSaudi Arabia. Kuvela ukuthi i-Esperance yaseTunisia iyameshela. 

I-Esperance ixoshe umqeqeshi wayo uNabil Maaloul ngemuva kokuhlazwa yi-Al Ahly eyishaye ngo 3-0 ekhaya emdlalweni owandulela owamanqamu kwiChampions League.

FUNDA NALA:  UVina Maphosa uveza okusha ngokulimala kukaZwane weChiefs

Kuthiwa leli qembu lifuna uMosimane azolisiza liwine lesi sicoco osekuphele iminyakana lisizama kodwa siliceza. 

I-Esperance yagcina ukudla lesi sicocongo-2019 kanti kuthiwa abaphathi basifuna uthuli futhi yingakho bebona uPitso Mosimane engumuntu ongabalethela sona.