IChiefs ihlela ukuqinisa phambili ngomgadli waseDR Congo
SIHLE NGUBO
Kuvela ukuthi iKaizer Chiefs ingase iqinise iqinise iqembu ngokusayinisa obengumgadli weNkana Football Club, uWalker Bwalya, okumanje kuthiwa akanalo iqembu.
Lo mdlali odabuka eDemocratic Republic of Congo (DRC) uke wayibamba kwi-Al Ahly yase-Egypt.
Kuyavela futhi nokuthi wake waba nasemabhukwini eWydad AC yaseMorocco phambilini.
Njengoba icinga nnonozinti nje ngaphandle iChiefs, uma uBwalya egcina efikile kungasho ukuthi kukhona umdlali wangaphandle okumele imchithe njengoba ivele inabahlanu, okuyisibalo esingeqiwa ngokomthetho wePremier Soccer League (PSL).
IChiefs inoChristian Saile, e-Edson Castillo, u-Edmilson Dove noJasong Gonzalez, obolekisiwe.
Nokho kubukeka kuwuGonzalenz ongase agajwe ngoba vele akabonakali ngisho ebhentshini kuMakhosi.
Impempe ike yabika ke ngoLwesibili ukuthi ukuze kuvulelwe lo mgadli indawo, kungase kudedelwe uJasong Gonzalez lo osanda kufika.
Kuvela ukuthi uGonzalez akafithi ezinhlelweni zikaCavin Johnson kanti njengoba ebolekiwe nje, angase abuyiselwe emuva.
Laba abanye abane bayadlala futhi ukhona umehluko abawenzayo eqenjini.
Kungabe kungaqali ukuthi kube nomgadli wakwaBwalya kwiChiefs njengoba ike yagadla ngo- Albert Bwalya waseZambia eminyakeni edlule.
IChiefs iyadinga ukuqinisa iqembu phambili ngoba ibukeka ingeyibi emuva nasesiswini.
Enye indawo ebukeka ixega kwiChiefs ekanozinti, kanti nakhona kubhekeke ukuthi kube khona ekwenzayo.
Amehlo abalandeli athe njo kuleli qembu laseNaturena njengoba lilindeleke ukuthi lithole umqeqeshi omusha.
Ngemuva kokuxoshwa kukaMolefi Ntseki, obephikwa yimiphumela, kubambe uCavin Johnson kuze kube kutholakala umqeqeshi omusha.
UPitso Mosimane akanalo iqembu njengamanje kanti kubhekiwe ukuthi iChiefs izokwenzani ngalokho.
Omunye umqeqeshi omataniswa neChiefs uManqoba Mngqithi oyiphini lomqeqeshi kwiMamelodi Sundowns.
FUNDA NALA: Sekugaxele elinye iqembu lePSL kunoxhaka olimaze iRoyal AM
Bakhona nabaqeqeshi baphesheya okuthiwa bazifakile izicelo eNaturena.