EzakamuvaIbhola

UBenni uchaza ngokumataniswa neChiefs neDowns

Obengumqeqeshi wabagadli kwiManchester United, uBenni McCarthy, usecacise amahlebezi okumataniswa neMamelodi Sundowns ezinyangeni ezedlule.

Kuke kwaqina imibiko yokuthi lo mgadli owayedlalela iBafana Bafana ukhuluma nompetha beligi nokuqubule imibuzo eminingana.

UMcCarthy ukuqinisekisile ukuthi wahlangana noFlemming Berg kodwa wakuphika ukuthi baxoxa ngokumsebenzi wokuzoqeqesha.

Lo mqeqeshi akanalo iqembu aliqeqeshayo selokhu ehlukane neMan United ngesizini edlule. Njengamanje uyinxusa leCarling Cup.

“Babethi uBenni uya kwiKaizer Chiefs, kwakungamahlebezi nje. Angikaze ngikhulume neSundowns,” kusho uMcCarthy kwiRadio2000.

“Akukho zingxoxo ezike zaba khona phakathi kwami neqembu. Yilokhu nje okokuqala engifisa ukukucacisa futhi ngicabanga ukuthi banabaqeqeshi abanamava.

“Ngakho ngifuna basebenze ngoxolo futhi lokho abakwenzeli iqembu labo kuphela. Bakwenzela iNingizimu Afrika ngoba sifuna ukukhombisa umhlaba ukuthi ibhola lase-Afrika liyakhula.”

UMcCarthy uchaze ukuthi ukuhlangana kwakhe noBerg kwaba ukuqondana nje esikhumulweni sezindiza eLondon, lapho baxoxa ngezinto eziningi ezithinta ibhola laseNingizimu Afrika.

Lo mqeqeshi uphinde waveza isifiso sakhe sokuyoqeqesha kwiMLS yase-United States.

“Sengike ngaba nenhlolokhono namaqembu eMLS ngoba isizini yakhona isiphelile futhi amanye amaqembu asanda kuhlukana nabaqeqeshi.”