EzakamuvaIbhola

UPatrick Mabedi uwafake kwi ‘voicemail’ awePSL amfunayo

Njabulo Shezi

Umqeqeshi obambile weqemnbu lesizwe laseMalawi, uPatrick Mabedi, uveze ukuthi kunamaqembu ePSL amfunayo kodwa okwamanje usazohlala kwelakubo. 

Uthi kusekuhle kuye ukuba sebholeni lamazwe ngamazwe njengoba esabambe kwiFlames, okuyigama leqembu lesizwe laseMalawi. 

IFlames iqede endaweni yesine kwiCosafa Cup ebiseThekwini kulamaviki amabili edlule. Ihlulwe yiBafana Bafana emdlalweni wokugcina. 

UPatrick Mabedi, othi usazocabanga ngokubuyela kwiligi yaseNingizimu Afrika, utshele izintatheli ukuthi usazocabangisisa kahle ngekusasa lakhe.

“Leyo ndaba kumele sike siyibeke ephoketheni langakwesokunxele ngoba asazi ukuthi ikusasa lizosilethelani,” kusho uPatrick Mabedi. 

“Kunedlanzana lamaqembu ePSL afikile kimina, abefuna usizo lwami. Kunzima ukusho ukuthi yimaphi okwamanje.” 

Le nsizwa eyayidlala futhi ingukaputeni weKaizer Chiefs iseke yaqeqesha kulo leli qembu laseNaturena, kwiMoroka Swallows, kwiBlack Aces nakwiBlack Leopards phambilini. 

Uthi impilo yomqeqeshi ebholeni yinto ongeke uyiqagele ngoba izinto zijika ngokushesha okumangazayo kwesinye isikhathi. 

“Ebholeni izinto zingenzeka ngesikhathi esifushane ngakho ngeke ngikwazi ukusheshe ngiphendule. Kodwa sizobona uma isikhathi sihamba. 

“Angazi ukuthi inhlangano ephethe ibhola (eMalawi) icabangani futhi angazi ukuthi amanye amaqembu acabangani. 

“Ngakho-ke, sidinga ukulinda sibone,” kwengeza uPatrick Mabedi. IFlames isalelwe yisikhashana ngaphambi kokuqala kwemidlalo yokuhlungela iNdebe yoMhlaba ka-2026. 

IMalawi iseqoqweni elilodwa neTunisia, Equatorial Guinea, Namibia, Liberia neSao Tome and Principe, okubukeka kumjabulisa kakhulu uMabedi.

FUNDA NALA: Ungubani lo Patrick Maswangayi othembisa izimanga kwiPirates

“Ngingathanda ukusiza lezi zingane zifeze izifiso zazo… Ngicabanga ukuthi kuyinto ebalulekile ukuthi ngisize iqembu lesizwe. Ngizoba nenhlanhla futhi kuhle kunokusiza ikilabhu.”