EzakamuvaIbhola

Sidalula okwenze wamiswa uSeema kwiSekhukhune

Kulindeleke ukuthi athushuke kwiKaizer Chiefs, umqeqeshi uLehlohonolo Seema, omiswe yiSekhukhune United isigubhukane ngoLwesibili.

Lesi sinqumo, sokumisa uSeema, simangazile njengoba iqembu lisazocacisa ngesizathu sokuthi kungani lo mqeqeshi odabuka eLesotho engeke ahlale ebhentshini emidlalweni esele.

IBabina Noko izodlala naMaZulu FC kule mpelasonto, bese ivala isizini neChippa United.

Nokho Impempe seyihletshelwe ngokuqhathe uSeema neSekhukhune, yize konke kade kuhamba kahle.

“Okuvelayo ukuthi sengathi (uSeema) uphakathi ethimbeni labaqeqeshi elihlanganiswa umqeqeshi ongase athathwe yiKaizer Chiefs,” kusho umthombo.

“ISekhukhune sengathi iyitholile inkulumo yokuthi uphakathi kwabantu bakaManqoba Mngqithi, okunguRomain Folz naye uSeema.

“Kuyavela ukuthi iChiefs izoba nesithangami nabezindaba maduze, okungenzeka ukuthi izobe izomemezela bona laba baqeqeshi.”

Impempe isanda kubika ukuthi uMngqithi, ongumqeqeshi ‘omdala’ kwiMamelodi Sundowns, uyakhuluma neChiefs futhi izingxoxo ziyavuthwa.

Kulolu daba livelile futhi igama likaFolz oke waqeqesha AmaZulu, lapho ebebizwa khona ngoFohloza.

Kukho konke lokhu, uMike Makaab, oyimenenja kaMngqithi usalokhu ephika ukuthi lo mqeqeshi uyakhuluma neChiefs.

Nokho uMakaab uyaye angacacisi ukuthi yini evimbe uMngqithi ukuthi asayine inkontileka entsha neSundowns, njengoba anayo iphela ngoJuni.

USeema uqokwe ngoNovemba nyakenye kulesi sikhundla, ethatha izintambo kuBrandon Truter, owaxoshwa ngoba ephikwa imiphumela.

IBabina Noko isendaweni enhle kakhulu kwilogi yeDStv Premiership njengoba iyibambe kweyesine.

Leli qembu libukeka lizozibekisela indawo kwiMTN 8, edlalwa amaqembu aqeda kwiTop 8 ekupheleni kwesizini.