EzakamuvaIbholaiDStv Premiership

IMarumo Gallants ihubhe inyamazane okungeyona, yayeka efanele  

By Sihle Ngubo

IMarumo Gallants yenze iNingizimu Afrika yaziqhenya ngayo emidlalweni yeCaf kodwa ingase idliwe yizembe emahoreni angu-48 ezayo.

Leli qembu lishaywe yiYoung Africans ngo 2-1 emdlalweni womlenze wesibili kowandulela owamanqamu weCaf Confederation Cup ngoLwesithathu ebusuku.

Lokhu kuchaza ukuthi kuphele kungu 4-1 njengoba iYoung Africans yawina ngo 2-0 emlenzeni wokuqala ekuhambeni.

Kuphelile ke ngeMarumo Gallants emidlalweni yeCaf kodwa ibhekene nenkinga enkulu manje yokuvika izembe. 

Isendaweni yesibili ukusuka emsileni ngamaphuzu angu-29, alinganayo naweChippa United (bahlukaniswe amagoli). 

IMarumo Gallants izobhekana neSwallows FC emdlalweni wokugcina weDStv Premiership ngoMgqibelo ngo-3 ntambama.

Kumele iwiwune nakanjani lo mdlalo ukuze isinde ekudliweni yizembe iqonde ngqo kwiMotsepe Foundation Championship. 

Ukushaywa yiZinyoni bese iChilli Boys iwine kwiLamontville Golden Arrows, kungasho ukuthi iGallants izohamba nobuqhawe bayo bokuyibamba kwiConfed Cup, ize ifike kowandulela owamanqamu, iyositha nabo kwiMotsepe Foundation Championship.

IChippa nayo ibhekene nesimo esifanayo sokuthi uma ingawini kwiSwallows bese iMarumo Gallants iwuwine owayo umdlalo, kuzosho ukuthi kuphelile ngayo kwiDStv Premiership. 

Nokho uma ewina womabili la maqembu kuzosho ukuthi iMaritzburg United (enamaphuzu angu-30) izogawulwa yimbazo enkulu iqonde ngqo kwiMotsepe Foundation Championship.

ITeam of Choice akusekho ezandleni zayo njengoba seyidlale yonke imidlalo engu-30. 

Ivale isizini ngokubambana nompetha beligi iMamelodi Sundowns ngo 1-1 ngoLwesibili eLoftus Stadium. 

FUNDA NALA: IChiefs iyakha, izogila izimanga ngesizini ezayo – Dillan Solomons

Izothandazela ukuthi iChippa neMarumo bashaywe emidlalweni yabo ukuze yona ingayidlali ngisho imidlalo yokuhlunga.

Amaqembu alinde elizoqeda endaweni ka-15 kwilogi yeDStv Premiership, yiCape Town Spurs neCasric United abaqede endaweni yesibili neyesithathu ngokulandelana kwabo.