EzakamuvaIbholaiDStv Premiership

IChiefs iyakha, izogila izimanga ngesizini ezayo – Dillan Solomons

By Sbongs Gumbi

UDillan Solomons uyavuma ukuthi isizini yakhe yokuqala kwiKaizer Chiefs ayihambanga ngendlela abefisa ngayo njengoba bezoqeda beshwiba izandla nje. 

Kodwa ngale kwalokho, lo mdlali wasemuva odle ngejubane ujabule ngendlela enze ngayo njengomdlali omusha eqenjini. 

Kube yisizini engeyihle kwiChiefs futhi uDillan Solomons uthi akumele kukhalwe kakhulu ngoba bayakha, bazophuma nonqambothi. 

“Ukudlalela iChiefs kube yinto enkulu eyenzeke empilweni yami. Ukuba kuleli qembu kube mnandi kakhulu,” kusho uDillan Solomons. 

Ujoyine iChiefs esuka kwiSwallows kanye noGeorge Matlou benoKamohelo Mahlatsi abangazange balithole ithuba lokudlala njengaye. 

“Kube yisizini esingakwazanga ukubamba umgqigqo owodwa kodwa ke vele siyakha futhi sakha into yekhethelo. Ngesizini ezayo cishe kukhona esizophuma nakho. 

“Kube buhlungu ukuthi singatholi ndebe kule sizini kodwa ke kuyenzeka ebholeni. Kodwa sinethemba lokuthi ngesizini ezayo kukhona esizophuma nakho. 

“Kube mnandi,” kusho uDillan Solomons uma ebuzwa ngesizini yakhe yokuqala kuleli qembu laseNaturena.

“Kodwa ke angikwazanga ukubamba umgqigqo owodwa futhi nokulimala bekungazibekile phansi… 

“Kodwa njengoba bekuyisizini yami ykuqala, bekuvele kungeyokuthi ngijwayele eqenjini elisha. Ngicabanga ukuthi kwenzekile lokho. 

“Ngethemba ukuthi ngesizini ezayo ngizoqhubeka la ngigcine khona ngiye phambili ngoba ngifisa sijabulise abalandeli.”

FUNDA NALA: UShaun Bartlett usola uvalo kubadlali beSpurs abashwebe isicoco

Uphinde waveza ukuthi isimo sihle eqenjini futhi sebewubheke ngabomvu umdlalo wabo wokusonga isizini. 

IChiefs izobhekana neCape Town City eFNB Stadium emdlalweni wayo wokugcina ngoMgqibelo ntambama. 

“Siyazi abanye bazitshela ukuthi asisawunakile umsebenzi ngoba sesijahe ukuyophumula, kodwa akunjalo. iCape Town City iyasikweleta.”