ISundowns ivulele isibhaxu esibi koweChampions League
IMamelodi Sundowns ithumele umlayezo emaqenjini esembangweni nawo kwiCaf Champions League ngesikhathi ishaya iBumamuru yaseBurundi ngo 4-0 ngoLwesihlanu ntambama.
Lona bekuwumdlalo wokuqala waleli qembu kulo mqhudelwano ewufunisa okomuntu ongasebenzi efuna u-R350.
Icacise zisuka nje kulo mdlalo obuseBurundi ukuthi ayizele ukuzongcebeleka kuleli lizwe njengoba kuyiwe ekhefini isihamba phambili ngo 3-0.
Igoli lokuqala lisaywe uLucas Ribeiro ngomzuzu ka-12 umdlalo uqalile. Ubuyile uRibeiro ngomzuzu ka-37 washaya elesibili.
NoLesiba Nku ukhombisile ukuthi iSundowns ayidlalanga ngemali ngesikhathi imlanda kwiMarumo Gallants eshaya igoli lesithathu ngomzuzu ka-41.
Esiwombeni sesibili iSundowns ibisizidlalela nje, ikhombisa ukuthi isiyazi ukuthi seyiwuqedile umsebenzi.
Igoli lesine lize lashaywa uPeter Shalulile ongene ngasekupheleni kwesiwombe sesibili.
Lo mphumela ukucacisile ukuthi iSundowns seyingenile esigabeni samaqoqo kulo mqhudelwano njengoba sekusele ukuthi iqedele umsebenzi ekhaya.
FUNDA NALA: UMsimango uphendula okushiwo uBroos ngabadlali beChiefs
Umdlalo womlenze wesibili ozoba kuleli, uzoba ngoSepthemba 30 la iSundowns seyidinga ukudlala ngokulingana ukuze idlulele phambili.