IPretoria Callies isaqhubeka nokuphenya ngezinsolo zokugwazelwa
By Sbongs Gumbi
Sekuvele ukuthi iPretoria Callies izisukumelile izinsolo zokuthi kungenzeka abadlali bayo abazange bazinikele ngokuphelele emidlalweni embalwa yokugcina.
Leli qembu elidlala kwiMotsepe Foundation Championship liveze ukungenami ngokuthi abadlali balo abakhombisanga ukulwa emidlalweni embalwa edlule.
Lokhu kwaqale kwavezwa umqeqeshi uKwanele Kopo ekhala ngokuthi akakaze ahlazeke ngendlela ahlazeke ngayo ngempelasonto edlule.
UKopo wathi alikho iqembu asake waliqeqesha elingenelwa amagoli amane esiwombeni sokuqala.
IPretoria Callies ishaywe yiPolokwane City ngo 4-0 emdlaweni wokugcina. Lo mphumela uqinisekise ukuthi iPolokwane City yiyo enqoba lesi sigaba.
Bekuvele ke kuke kwanezinsolo eziningi ezibhekiswe kwiPolokwane City ngokuthi izinqumo zonompempe zinokuyenzelela.
Usihlalo wePretoria Callies uMoses Malada uvumile ukuthi bake babafaka imibuzo abadlali futhi babheka nasemabhange abo ukubona ukuthi akukho yini okwenzekile okungafanele.
“Sadlala futhi sahlulwa yiLa Masia ngendlela esingayiqondanga,” usho kanje uMalada kwabePhalaphala FM kuleli viki.
“Ngaleso sikhathi iLa Masia beyidinga amaphuzu ukuvika izembe. Angijabulanga ngalowo mphumela njengosihlalo weqembu ngoba indlela abebedlala ngayo beyiyinhle kakhulu.
“Babengafanelwe ukuhlulwa yiLa Masia. Yingakho sacela abadlali ukuthi basayinde amaphepha asigunyaza ukubaphenya.
“Basayina nokuthi ngeke bazithole sebesesimweni la benza khona izinto ezingafanele. Elinye ifomu abalisayina elokuthi uma kukhona abakuzwayo bazokubika.
“Sabathembisa ukuthi umuntu engabika ngaphandle kokuveza igama lakhe uma kukhona akusolayo ukuthi akuhambi ngendlela efanele.
“Sabheka nezincwadi zabo zasebhange ukubhekisisa ukuthi azikho yini izimali ezingene ngendlela engacacile,” kuchaza lesi sikhulu sePretoria Callies.
“Kodwa asitholanga lutho olungahambi kahle. Nokho lokho akusho ukuthi sesiyekile kanjalo nje.
“Sisazoqhubeka sibhekisise ngoba asifuni ukuzithola sesiqhuba izinkontileka zabadlali abangathembekile.”
FUNDA NALA: U-Arthur Zwane uthi akananxa nabalandeli beChiefs
Uveze nokuthi bonke abadlali bakhe bazofakwa emshinini oveza ukuthi umuntu ngabe ukhuluma iqiniso noma uhubhuza ubhejane.
“Abadlali bethu bazinikelile ukuthi bazokwenza uhlelo lokuhlolwa ngePolygraph ukusiqinisekisa ukuthi abenzanga lutho olubi.
“Bakuvumile ukuthi babe nomdlalo omubi nje, hhayi ngoba bekukhona ukuhudula izinyawo noma ukungazimiseli.”