Balutholile usizo ngokufa kukaFleurs abeChiefs
Umqondisi weKaizer Chiefs, uKaizer Motaung Jnr ukuqinisekisile ukuthi abadlali, okuhlanganisa nemindeni yabo, bathola usizo lwezengqondo nokwelulekwa ngemuva kokudlula emhlabeni komdlali wasemuva uLuke Fleurs.
UFleurs wadutshulwa washona esigamekweni sokudunwa kwemoto egalaji likaphethiloli eFlorida, entshonalanga neGoli, emasontweni amabili edlule.
Lo mdlali ubekwe endaweni yakhe yokugcina ngoMgqibelo eKapa.
Lokhu kwenzeke kusele usuku ngaphambi kokuthi Amakhosi abhekane neRichards Bay emdlalweni weDStv Premiership.
Lo mdlalo useKing Zwelithini Stadium, eMlaza, eThekwini ngeSonto.
Engxoxweni nabezindaba muva nje, uMotaung Jnr uthe iChiefs ibambisene nenhlangano yomshwalense wezempilo iKaelo.
Le nkampani inikeza izinsiza zomzimba nezengqondo, phakathi kwezinye izinto.
Lokhu kubambisana kuhloswe ngakho ukunikeza abadlali nomndeni kaFleurs ukwesekwa ekubhekaneni nokulahlekelwa.
“Sinenhlanhla enkulu ngokusebenzisana neKaelo, inhlangano ehlinzeka ngosizo lwezengqondo nokwelulekwa ngezikhathi ezifana nalezi,” kusho uMotaung Jnr.
“Sebebe ngabalingani bethu iminyaka eminingi. Futhi okuhle ngabo ukuthi sisebenzisana nabo hhayi ukunikeza izeluleko kubadlali nje kuphela, kodwa naemindenini yabo…
FUNDA NALA: Inkakha yakuleli isola uMokwena ngenduku etholwe iDowns
“Ngakho-ke, ukukhuluma kahle, bangabalingani esibadinga kakhulu…”