Imenenja iveza ezintsha ngoMulomowandau Mathoho nekusasa lakhe kwiChiefs
By Sbongs Gumbi
Ukungadlaliswa kukaMulomowandau Mathoho kwiKaizer Chiefs sekwenze abaphathi bakhe bacabange kaningi ngekusasa lakhe.
UMathoho, oneminyaka engu-33, akakadlali nowodwa umdlalo osemthethweni kwiChiefs kule sizini.
Imenenja kaMulomowandau Mathoho ithi sebexoxisane kaningi nabaphathi beChiefs ngesimo sakhe kodwa isizombululo dololo.
UBasia Michaels uthi ayikho ayisekho enye indlela abangenza ngayo ngaphandle kokumzamela engxenye lo mdlali ngoba usafuna ukudlala.
“Sesixoxe kaningi neChiefs ngokungadlali kukaTower (Mulomowandau Mathoho) neminyaka yakhe.
“ Ufuna ukudlala ngaphambi kokuwagaxa emgibeni amakhokho,” ucashunwe esho kanje uBasi kwabeSABC Sport.
“Yilokho ke okuphoqa isinqumo. Okuphume ezingxoxweni zethu nabaphathi beChiefs wukuthi ikusasa likaTower silibona lingekho eNaturena.
“UTower usazodlala okungenani iminyaka emithathu noma ngaphezulu ukusuka manje,” kuchaza yena.
UMichaels uveze ukuthi kuvele kukhona amaqembu aseke abuza ngesimo sikaMulomowandau Mathoho njengoba engadlaliswa kwiChiefs.
“Ngeke ngithi kube yisinqumo sabo bebodwa (abeChiefs). Nathi kukhona abebesibuza ngaye eceleni kusukela engasadlali…
“Okwamanje ngeke ngikwazi ukukhuluma ngabo. Ngifuna ukuhlonipha ilungelo labo lokumethula ngoba bazobe bebambe ufisi omkulu.
“Thina sifuna uTower adlale futh abe sendaweni azokujabulela ukudlala kuyo njengoba sekuya ngasekutheni athathe umhlalaphansi.”
FUNDA NALA: Uqhamuka nesu lokufukula ibhola e-Afrika u-Essien
Kungenzeka ke uMulomowandau Mathoho anikwe ithuba lokuvalelisa kubalandeli emdlalweni weChiefs wokugcina ngoMgqibelo.
IChiefs izodagulisana neCape Town City eFNB Stadium emdlalweni weDStv Premiership futhi ozowina kubo nguye ozoqeda endaweni yesihlanu.
Lo mdlalo ungaba yisikhathi esihle sokuthi lo mdlali obesehlale iminyaka engu-11 avalelise kubalandeli kwazise abanye basamkhalela namanje.