U-Ayanda Dlamini uveza okugqilaze Usuthu kule sizini
By Sbongs Gumbi
Umqeqeshi waMaZulu Fc u-Ayanda Dlamini ubona kumele bazinuke bona amakhwapha ngokuthi iqembu lehluleke ukufeza ebelibekelwe khona.
Abaphathi boSuthu babekubeke kwacaca ukuthi leli qembu bafuna liqede libalwa naphezulu kwiDStv Premiership.
Nokho kumanje njengoba kusele umdlalo owodwa, Usuthu sekucacile ukuthi ngeke lungene ngisho kwiTop 8 kulokhu.
Lusendaweni ka-12 namaphuzu angu-33 kanti uma luwina kowokugcina kuzogcina ku-37.
Kudingeka ngaphezulu kwalokho ukuthi leli qembu likwazi ukungena emaqenjini azodlala kwiMTN8 ekuqaleni kwesizini ezayo.
Yingakho ke u-Ayanda Dlamini ethi bazigwaze ngowabo. Uthi kunemidlalo abadedele kuyo amaphuzu kungenasidingo.
“Bheka, ukubeka iqiniso nje ngicabanga ukuthi sizihlizele thina ezibini ngokuhamba kwesizini,” kusho u-Ayanda Dlamini.
“Njengoba kade ngilokhu ngisho nje, ngicabanga ukuthi kunemidlalo obekumele siqoqe kuyo amaphuzu amathathu kodwa sigcine sithole elilodwa noma sihlulwe.
“Yilokho kuphela engingakubeka okuyinto esenzele phansi. Ngicabanga ukuthi kufanele ngabe sinamaphuzu amaningi kunalawa esinawo njengamanje.
U-Ayanda Dlamini wenze isibonelo ngefomu abake bayibamba kodwa babuye bayidedela ekuqaleni kwalo nyaka.
“Uma ubuyela emuva, uyahamba uyodlala neKaizer Chiefs, uyishaye ngo 4-0. Emdlalweni olandelayo ube sekhaya bese udlala ngokulingana ngo 1-1.
“UJanuwari wonke besidlala ekhaya kodwa asangakusebenzisa ngendlela lokho. Asiqoqanga amaphuzu ebesiwadinga.
“Yileyo ke indlela esizidicilele phansi ngayo,” kucacisa lo mqeqeshi osabambile njengoba kwamiswa uRomain Folz.
U-Ayanda Dlamini uzobe ethembe ukuphetha isizini ngompumela ozokwenza abaphathi bacabange ukumnika wona lo msebenzi.
FUNDA NALA: Imenenja iveza ezintsha ngoMulomowandau Mathoho nekusasa lakhe kwiChiefs
Nokho kuzomele asebenze kanzima njengoba ezovala nge-Orlando Pirates elwela indawo yesibili kwilogi.
Lamaqembu azokhiphana inkani eMoses Mabhida Stadium ngoMgqibelo ngo-3 ntambama.