EzakamuvaIbhola

Uqhamuka nesu lokufukula ibhola e-Afrika u-Essien 

By Alfred Ngubane

UMichael Essien owazakhela igama kwiChelsea, Real Madrid neqembu lesizwe eGhana unombono ngendlela wonke amaqembu esizwe e-Afrika engaphucuka ngayo. 

Usenxuse umengameli weCaf uPatrice Motsepe ukuthi ashaye umthetho ozophoqa amaqembu esizwe ukuthi aqashe abaqeqeshi basekhaya. 

“Baningi kakhulu abaqeqeshi abangayenza uma khonya i-Afrika ebholeni lomhlaba,” kusho u-Essien engxoxweni ekhethekile neMpempe. 

“Kunabaqeqeshi abafana noPitso Mosimane osekhombise umhlaba wonke  ukuthi ungumqeqeshi ovelele nowazi umsebenzi.  

“Abahlanganiswe laba baqeqeshi ndawonye ngamakilasi  basebenze emazweni abo,” kuchaza u-Essien. 

“Nasemaqenjini ezikwata kusukela emazingeni aphansi kuqeqeshe abantu abanolwazi lwebhola. 

“Nasezikoleni makuqeqeshe abaqeqeshi abadlalile emazingeni aphezulu ebholeni,” kuchaza le nkakha ikhluma iseFrance la isizinze khona.

U-Essien ubona nalento yokulandwa kwabaqeqeshi baphesheya ifana nokugidagida ndawonye ngoba abaningi basuke beze imali nje kuphela.

“Abaqeqeshi abamhlophe abeza e-Afrika basuke bangenalo ikhono lokuqeqesha iningi labo. Ukube banalo ngabe baqashwa ngakubo.  

FUNDA NALA: IPretoria Callies isaqhubeka nokuphenya ngezinsolo zokugwazelwa

“Bafike balibulale ibhola lethu  bedlalisa  umbozo webhola. Isikhathi sokuqala kabusha ukubumba ibhola lase-Afrika ngokuhlanganyela.  

“Ngiyakholelwa ebuholini obukhona  bukaPatrice Motsepe ngoba uyindoda eqotho,” kusho u-Essien.