Uqhamuka nesu lokufukula ibhola e-Afrika u-EssienĀ
By Alfred Ngubane
UMichael Essien owazakhela igama kwiChelsea, Real Madrid neqembu lesizwe eGhana unombono ngendlela wonke amaqembu esizwe e-Afrika engaphucuka ngayo.
Usenxuse umengameli weCaf uPatrice Motsepe ukuthi ashaye umthetho ozophoqa amaqembu esizwe ukuthi aqashe abaqeqeshi basekhaya.
āBaningi kakhulu abaqeqeshi abangayenza uma khonya i-Afrika ebholeni lomhlaba,ā kusho u-Essien engxoxweni ekhethekile neMpempe.
āKunabaqeqeshi abafana noPitso Mosimane osekhombise umhlaba wonke ukuthi ungumqeqeshi ovelele nowazi umsebenzi.
āAbahlanganiswe laba baqeqeshi ndawonye ngamakilasi basebenze emazweni abo,ā kuchaza u-Essien.
āNasemaqenjini ezikwata kusukela emazingeni aphansi kuqeqeshe abantu abanolwazi lwebhola.
āNasezikoleni makuqeqeshe abaqeqeshi abadlalile emazingeni aphezulu ebholeni,” kuchaza le nkakha ikhluma iseFrance la isizinze khona.
U-Essien ubona nalento yokulandwa kwabaqeqeshi baphesheya ifana nokugidagida ndawonye ngoba abaningi basuke beze imali nje kuphela.
“Abaqeqeshi abamhlophe abeza e-Afrika basuke bangenalo ikhono lokuqeqesha iningi labo. Ukube banalo ngabe baqashwa ngakubo. Ā
FUNDA NALA:Ā IPretoria Callies isaqhubeka nokuphenya ngezinsolo zokugwazelwa
āBafike balibulale ibhola lethu bedlalisa umbozo webhola. Isikhathi sokuqala kabusha ukubumba ibhola lase-Afrika ngokuhlanganyela.
āNgiyakholelwa ebuholini obukhona bukaPatrice Motsepe ngoba uyindoda eqotho,ā kusho u-Essien.

