EzakamuvaIbhola

Amanzi angene endlini inkantolo ichitha iRoyal AM 

Njabulo Shezi

Kuphinde kwayibhimbela iRoyal AM ngesikhathi inkantolo enkulu yamacala ebhola, iCourt of Arbitration for Sport (Cas) isichitha isicelo sayo sokuthi kuhoxiswe isigwebo sayo. 

IRoyal AM beyiludlulisele kule nkantolo udaba lwayo kulandela ukuthi iFifa yayilahla ngecala lokuxosha ngendlela engafanele uSamir Nurkovic.

IFifa yabe seyiyalela iRoyal AM ukuthi ikhokhele loo mgadli owaduma kwiKaizer Chiefs imali ebalelwa kuR12-million. 

Kuthe uma yehluleka ikwenza lokho, iFifa yabe seyiyihlaba ngesigwebo sokuthi ingabasayini abadlali abasha kuze kube ikhokha le mali. 

Kodwa ngeviki elidlule leli qembu libe selilidlulisela kwiCas leli cala neyabe seyithi ake simiswe lesi sigwebo kuze kube iyaqeda ngaleli cala. 

Kodwa ngoLwesibili ntambama iSABC Sport ibike ukuthi le nkantolo nayo iyichithile iRoyal AM, yathi isinqumo seFifa sifanele. 

Lo mphumela ufana nomshophi kuleli qembu laseMgungundlovu eliphethwe ngusomabhizinisi wesifazane ongusaziwayo uShauwn Mkhize, odume ngelikaMaMkhize. Manje sekumele leli qembu likhokhele uNurkovic imali elikweleta yona noma lime ukusayina abadlali. 

FUNDA NALA: Usehlwithwe Usuthu uRowan Human obefisa iChiefs

Nokho uma isiyeka singakhokhiwe lesi sikweletu, sizokwanda ngoba izindleko zokuthi abamele lo mgadli belokhu besibasela zizokhokhwa yiyo.