Sekusinda ngakithi manje, kuvuma uLehlohonolo Seema weChippa
By Sbongs Gumbi
ULehlohonolo Seema, oqeqesha iChippa United, uyakuvuma ukuthi ingcindezi seyijikile, ihlezi ngqo emahlombe akhe njengoba bezodlala umdlalo wokugcina ngoMgqibelo.
IChippa izogadulisana neGolden Arrows emdlalweni weDStv Premiership ozocacisa ngokuthi izobe idlala kusiphi isigaba ngesizini ezayo.
Uma iwinile kulo mdlalo, iyobe isethubeni elingcono lokuvika izembe. Nokho kuzoncika ekutheni iMarumo Gallants yona idlale kanjani.
Njengamanje yilo leli qembu likaLehlohonolo Seema elisemsileni. Nokho iphuzu elilodwa lizolisusa khona.
Endaweni yesibili ukusuka emuva, iqembu eliqeda kuyo elidlala kweyokuhlunga, kuhleli iGallants njengamanje.
Uma bobabili iChippa neGallants benqoba, kuyosho ukuthi sekushile kwiMaritzburg United ezobe seyidliwa yizembe. IGallants idlala neSwallows.
IMaritzburg izibeke endaweni engcono ngoLwesibili ngesikhathi ibambana neMamelodi Sundowns ngo 1-1.
“Umphumela weMaritzburg neSundowns awujiki lutho,” usho kanje uLehlohonolo Seema ngaphambi komdlalo wezakhe.
“Ngemuva komdlalo wethu odlule la sihlulwe khona (ngo 4-0 yiTS Galaxy) ngabatshela abadlali ukuthi kumele basheshe bakhohlwe yiwo.
“Siyazi kunethuba lokudlala kweyokuhlunga, ngakho kumele sinqobe umdlalo wethu wokugcina ukuze sithole le ndawo okungenani.”
Uyazi ke uLehlohonolo ukuthi ngeke kube lula ngoba i-Arrows yona izobe ilwela ukungena kwiTop 8.
“Okuhle wukuthi abadlali bayasazi isimo. Ngeke silokhu senza izibalo, bazi kahle ukuthi kwenzekani.
“Uma iMaritzburg ikwazile ukukwenza (ukuhlwitha iphuzu kwiSundowns), thina singavinjwa yini?
FUNDA NALA: URulani Mokwena uveza okwenza uMbule adlale ingcwenga yebhola
“Ngaphambi kokudlala iMaritzburg beyikhalaza ngokudlaliswa kuqala, kodw amanje yona seyikhululekile, isibheke imiphumela yabanye.
“Ngiyafisa ukuthi ngabe nami ngikuleso simo, la usuke usuwaqoqile awakho amaphuzu.”