URulani Mokwena uthi bayogcina beyitholile iChampions League
By Sbongs Gumbi
Iphupho leMamelodi Sundowns lokuba ngompetha kwiCaf Champions League liphele kabuhlungu kodwa umqeqeshi uRulani Mokwena uthi ngeke balahle mbeleko ngakufelwa.
ISundowns iwashiswe ijezi yiWydad Casablanca ngemuva kokudlala ngo 2-2 eLoftus Versfeld ngoMgqibelo ntambama.
IWydad yiyo edlulela kowamanqamu ngenxa yamagoli asekuhambeni kanti izobhekana nezimbangi zayo ezindala i-Al Ahly.
Izinto zicishe zabhimba ngomzuzu wokuqala kwiSundowns ngesikhathi uSiphelele Mkhulise ethi ukhipha umkuba ekhaya kodwa ibhola lakhe lasho ukuyodla ekhaya.
Kodwa unozinti uRonwen Williams ukwazile ukulivimba lelo bhola. Ngemuva kwalokho kube sekuba yiyo iSundowns ephethe umdlalo.
Bekumele kuyiwe ekhefini isilitholile igoli kodwa kwasho ukuthi ayifuni lutho emuva iWydad, ikakhulukazi unozinti wayo.
Kodwa ekuqaleni kwesiwombe sesibili ikwazile ukuthla igoli elishaywe uThemba Zwane.
Kodwa kuthe sekusele ngaphansi kancane kwemizuzu engu-20 yalithola elokulinganisa iWydad.
ISundowns ikwazile ukuthola elesibili ngomzuzu ka-74, kodwa iWydad yaphinde yalithola elokulinganisa kwaba wukubheda kwezinto.
FUNDA NALA: Imenenja iveza ezintsha ngoMulomowandau Mathoho nekusasa lakhe kwiChiefs
Ekhuluma ngemuva komdlalo, uRulani Mokwena ukhale ngokuthi bashaywe amava kulo mdlalo.
“Kushode amava ngoba bona uyababona ukuthi bayiqembu elikade liba sezimweni ezinjena,” kusho yena.
“Kodwa sizofunda nathi. Siwathole amava. Futhi sizogcian siyinqobile iChampions League… Mhlawumbe kuzodinga enye isizini,” kusho uRulani Mokwena.