UParker uvuleleka ngokulinyazwa uZungu, uthi wayehlosile
UBernard Parker usephawulile ngokulimala kwakhe okwenzeka emavikini amane edlule nokwashiya abalandeli bemangele.
Lo mdlali weTS Galaxy waphuka phehle umlenze ngemuva kokudlaliswa kwabi uBongani Zungu weMamelodi Sundowns.
Okwathusa kakhulu wukuthi uZungu akazange akhombise ukuzisola ngalesi senzo sakhe, kunalokho wayebonakala ekhala ngokuthi umsulwa yena.
Walwa nonompempe owamnika ikhadi elibomvu waze wayosithela ezindlini zokushintshela.
Nokho uParker useveze ukuthi yena wamxolela ngaso leso sikhathi ngoba uyakuqonda okwenza amlimaze ngaleya ndlela.
Uthi uZungu wayedliwa wukuthi wayesenze amaphutha aholela ekungeneni kwamagoli amabili kulo mdlalo, ngakho wayesecasukile.
“Ngicabanga ukuthi yayikhona inhloso yokungilimaza kuZungu,” kusho uParker kwiSportsNightAmplified kwiMetro FM ngoLwesine.
“Ngicabanga ukuthi kwakuyintuthu yentukuthelo eyayimxopha ngoba uma ubheka amagoli amabili eGalaxy wayenesandla.
“Ngesikhathi kwenzeka, kwakuphuma leyo ntuthu. Singabantu sonke futhi izinto ezifana nalezo ziyenzeka, angimcasukele.”
UParker ukuvezile nokuthi uZungu waxolisa kuye ngokumthumelela umlayezo kwi-Intsagram.
“Ngasithola isixoliso esivela kuZungu… Futhi sengamxolela,” kusho le nsephe esineminyaka engu-37.
“ISundowns yangithumelela izimbali nekhadi kanti noRulani Mokwena watshela abasondelene nami ukuthi wazama ukungithinta akangangithola.”
Parker also revealed his disappointment at how his time at his previous club, Kaizer Chiefs came to an end with unfulfilled promises.
FUNDA NALA: IRichards Bay ishwabulele amaqembu ashela unozinti wayo
UParker uthe welulama kahle futhi usenethemba lokuthi uzoqhubeka nokudlala okuyinto abaningi ababesola ukuthi ngeke isenzeka.