EzakamuvaIbhola

OweNamibia ukhala ngokushoda ngoPeter Shalulile koweBafana

Njabulo Shezi

Sikhulu isikhala sikaPeter Shalulile eqenjini lesizwe lakubo iBrave Warriors yaseNamibia elizozwana amandla nelakuleli iBafana Bafana. 

Lamazwe angomakhelwane azogadulisana emdlalweni wokungcweka e-Orlando Stadium ngoMgiqbelo ngo-3 ntambama. 

INamibia izobe ingenaso isihlabani sayo uPeter Shalulile ongumgadli odlala kwiMamelodi Sundowns kuleli. 

UShalulile ulimale emsipheni wethanga ngesikhathi edlala kwiSundowns maphakathi nenyanga edlule. 

Ngokusho komqeqeshi weSundowns, cishe kuzothi uma kuphela leli khefu lemidlalo yamazwe ngamazwe abe eseluleme. 

Umqeqeshi weBrave Warriors, uCollin Benjamin, ukuvumile ukuthi ukungabi naye lo mgadli kuzomlimaza.  

“Njengoba uPeter Shalulile engekho, kusobala ukuthi silimele,” kusho lo mqeqeshi esithangamini nabezindaba ngoLwesihlanu. 

“Uma engomunye wabadlali abaphambili kwiMamelodi Sundowns eNingizimu Afrika, usungazicabangela ke nawe ukuthi kuba njani kithi uma engekho.

UBenjamin uthe okuhle ngalokhu wukuthi kuzonika abanye abadlali ithuba lokuziveza ukuthi yini abangayenzela izwe labo. 

“Kodwa noma kunjalo, yithuba labanye abadlali abebengeke bawuqale umdlalo (uma kukhona uPeter Shalulile) ukuthi basebenzisa le ntuba evelile. 

“Kumele bangikhombise njengomqeqeshi bethi, buka mqeqeshi ngikhona mina, ngingawenza umsebenzi. 

“Lokho kuzosisiza ukuthi sibe nesibalo esivulekile sabadlali esiqoka kubo iqembu lesizwe,” kuchaza uBenjamin. 

Kubadlali abadlala kuleli abazobe bekwiBave Warriors kulo mdlalo kukhona uDeon Hotto odlala kwi-Orlando Pirates noRian Hanamub waMaZulu FC. 

Ngemuva kwalo mdlalo, iBafana izobhekana neDemocratic Republic of Congo enkundleni efanayo ngoLwesibili. Nawo lowo mdlalo ngowokuzwana amandla. 

Kodwa ke izosiza iBafana ukuzibona ukuthi ixega kuphi njengoba izodlala imidlalo yokuhlungela iNdebe yoMhlaba ngoNovemba. 

FUNDA NALA: UVincent Pule uveza okwenza iPirates ibe yile ngozi eyiyo

Ngemuva kwalokho kuzobe sekuqala imidlalo yeCaf Africa Cup of Nations e-Ivory Coast ngoJanuwari la kubhekwe iBafana yenze kahle.