Kuvela okugqilaze iRichards Bay okungekuhle ngosihlalo wayo
By Alfred Ngubane
Sekuqubuke izinsolo ezingezinhle ngosihlalo weqembu lePSL laKwaZulu-Natal iRichards Bay eliqede isizini selifa yinduku.
IRichards Bay yayiqala kahle kakhulu isizini yayo yokuqala kwiDStv Premiership futhi yahlala isikhathi eside endaweni yesibili kwilogi.
Nokho kuhambe isikhathi kwaqala wadilika umthangala, kanti kuphele isizini selike labalwa nasebunzimeni bokulengelwa yizembe.
Impempe seyihoshe komanalangikutshele bayo ukuthi yini into edale lesi simo kuleli qembu.
Ngokusho komunye wemithombo yethu, usihlalo weRichard Bay uJomo Biyela ubesegxambukela ekusetheni isikimu.
Kuthiwa ubengenelela kakhulu uma bezobhekana namaqembu amakhulu i-Orlando Pirates, Kaizer Chiefs neMamelodi Sundowns.
“Yenzeka leyonto ngesikhathi efuna kudlaliswe uNkanyiso Zungu ngoba ekholelwa ukuthi uyayazi i-Orlando Pirates kwazise ubesuka kuyo,” kusho lo mthombo.
“Kodwa uVasili Manousakis (umqeqeshi) wamtshela emehlweni ukuthi kuzomele uZungu azibonakalise ejimini kuqala futhi uma engawulungele umdlalo uzoqala ebhentshini. “Nakhona kwakumele kuqale kubhekwe isimo somdlalo ukuthi sihamba kanjani ngaphambi kokuthi adlaliswe kulowo mdlalo.”
Kkuvela ukuthi uBiyela wamhlonipha uManousakis. NoZungu ugcine ededeliwe eqenjini ngenxa yokuhluleka ukuziphatha nokuziphakamisa.
Kodwa kuthiwa oPitso Dladla noRonnie Gabriel ubezenzela umathanda kubo, aze asho ukuthi yena angaziqeqeshela iqembu lakhe.
“Ubebatshela nje ukuthi phela likulesi sigaba nje yingoba nguye owalifaka kwiDStv Premiership,” kuchaza umthombo.
Lo mkhuba wandile ebholeni lase-Afrika kanti ugcine udicilela phansi isithunzi sabaqeqeshi, kuqhuba lo mthombo.
FUNDA NALA: U-Infantino weseka uVinicious Junior okhala ngokucwaswa eSpain
“Phela ekugcineni kubonakala kungathi abaqeqeshi yibona abahlulwa umsebenzi kanti bagcina ngokuqeqesha ejimini enkundleni babe yizichuse nje sebesetheliwe isikimu.”
IRichards Bay igcine iqede endaweni ka-13 kwilogi njengoba iqoqe amaphuzu angu-33 nje kuphela. Umthombo uthe kungenzeka kube nezinguquko kubaqeqeshi.