EzakamuvaIbhola

Inkantolo inqabile intombi isula icala elivulele umdlali

Udedelwe ngebheyili ka-R5 000 owayengumdlali weMamelodi Sundowns, uPhakamani Mahlambi, oboshelwe lodlame lwasekhaya ngoLwesibili.

UMahlambi nentombi yakhe kuthiwa baxabana bebanga ukusebenzisa i-microwave ngaphambi kokuthi kugcine kuqhuma isibhaxu.

Lo mdlali osedlale ngamathuba amaningi emaqenjini ehlukene, ulale ebaliwe ngoLwesibili ebusuku.

Ulale ezitokisini zamaphoyisa aseSebenza ngaseKempton Park. Uvele eNkantolo yeMantshi yaseKempton Park ngoLwesithathu ngamacala amabili okushaya neloodlame lwasekhaya.

UMahlambi ubegijima kwiSundowns ngaphambi kokuthi abolekiswe kuChippa United ngo-2021.

Umthombo osondelene nalezi zithandani ongathandanga ukudalulwa utshele iScroll.Africa ukuthi laba bebesemzini wabo ngase-Edenvale ngesikhathi kusuka ingxabano. 

Ngemuva kokubikela amaphoyisa, intombi kaMahlambi kuthiwa ibifuna ukuhoxisa amacala, kodwa inkantolo yanqaba ngoba udlame lwasekhaya luthathwa njengecala elibucayi.