EzakamuvaIbhola

IChippa United igoloza ukusiza umdlali owalimala ekuyo

By Sbongs Gumbi

Uthi usephenduke isidina nasekhaya umdlali owalimala idolo edlalela iChippa United esinqaba ukumsiza ngokukhokhela odokotela. 

UJemondre Dickens uthi useluleme kodwa sekusele odokotela bakhiphe izingcingo ababezifake edolweni lakhe. 

Inkinga ke wukuthi iChippa ayisayingeni indaba yakhe, uma eyithumelela izincwadi eziveza izindleko isivele imzibe nje ingasho lutho. 

Utshele abeFar Post ukuthi lezi zindleko zidinga uR50 000 ukuze akwazi ukuqhubeka kahe nempilo yakhe. 

“Ngisalinde bona ukuthi bakhokhe ukuze kukhishwe ucingo edolweni lami. Ngisahamba nalo nje ucingo,” kusho lo mdlali. 

“Ngibathumelele izincwadi eziveza izindleko zokukhishwa kwalolu cingo. Kodwa abasho lutho. 

“Ngabathumelela ngoFebhuwari lezi zindleko njengoba manje sekuwuMeyi nje bengakaphenduli. 

“Izindleko abazikhokhelangezokuthi ngihlinzwe. Okulandela lapho ngasengizikhkhela mina uma ngiyohlolwa ukuthi ngiyelulama yini. 

“Ngahlinzwa ngoFebhuwari wanyakenye, inkontileka yaphela ngoJuni (nyakenye). Babe sebengitshela ukuthi ngeke bayelule.” 

Lo mdlali uthi ngemuva kokuthi iChippa seyimgabhile, kwadingeka abuyele ekhaya eKapa bese ebuyela e-Eastern Cape uma eyobona odokotela. 

Lo mdlali oneminyaka engu-25 uthi into eyenza kube nzima ukwelulama kwakhe wukuthi kwathatha isikhathi eside kakhulu ngaphambi kokuyohlinzwa. 

“Ngahlala izinyanga ezimbili ngingayile ukuyohlinzwa. Ngesikhathi sengihlinzwa, udokotela wakuveza ukuthi kuzothatha isikhathi ukuthi ngilulame. 

“Wathi lokhu kungenxa yokuthi ngiphuzile ukuhlinzwa futhi nedolo bese liqala ukuzilulamela ngokwalo kwendalo. 

“Kwathatha isikhathi ukuthi alibuyisele endaweni efanele ukuze ngiphinde ngikwazi ukulisebenzisa. 

“Kodwa namanje ke ngisahleli nalezi zingcingo ezifakwe kulo futhi iChippa ayisangiphenduli. 

“Udokotela ulinde mina ngimazise ukuthi imali seyilungile bese engikhipha zona. Lona sengiyakwazi ukulisebenzisa kodwa kumele kuphume izingcingo kuqala.”

Uthi njengoba esehleli ekhaya, uyabona nesimo senhlalo asisesihle ngoba akasizi ngalutho ezindlekweni zasekhaya. 

FUNDA NALA: ‘Ulithinte ngenhloso ibhola,’ kusho uJose Riveiro ngephenathi yodumo

“Sekuwunyaka wesibili lo ngingasebenzi. Sekunzima nasekhaya. Abazali abakujwayele ukuthi ngihlale ekhaya ngingenzi lutho. 

“Kuyangikhubaza emoyeni ngoba ngisafuna ukuphinde ngidlale kodwa manje ngeke ngikwazi kuze kube kukhihswa lezi zingcingo,” kuchaza yena.