EzakamuvaiNedbank Cup

‘Ulithinte ngenhloso ibhola,’ kusho uJose Riveiro ngephenathi yodumo

By Njabulo Shezi

Umqeqeshi we-Orlando Pirates uJose Riveiro uthi umbono wakhe ngephenathi ebekelwe ezakhe emdlalweni wamanqamu weNedbank Cup ngoMgqibelo awusizi ngalutho. 

Kodwa noma kunjalo uJose Riveiro ukholwa wukuthi uVictor Letsoalo weSekhukhune United nguye okhiphe isandla wayobamba ibhola ngamabomu. 

Lesi sigameko senzeke sekubalwa amanenjana kuyiwe ekhefini kade iSekhukhune United ihamba phambili. 

Le phenathi isize iPirates ibuyele emdlalweni. Kodwa namanje le phenathi kusakhulunywa ngayo futhi imibono iyehlukana. 

Umdlalo ugcine uphela ngo 2-1 kuwina iPirates ngegoli likaTerrence Dzvukamanja alishaye seliyoshona.

“Angazi kahle ukuthi kwenzekeni,” usho kanje uJose Riveiro ngale phenathi ngemuva komdlalo. 

“Angazi ukuthi kungani lo mdlali ebelele phansi, angazi noma uwisiwe noma uziwele. ULorch ube esezama ukuleqisa kuye ibhola. 

“Sengisibonile isithombe salesi sigameko futhi nguye lowa mdlali olithinte ngenhloso ibhola ngesandla sakhe. 

“Kodwa ke noma kunjalo, angikasitholi isikhathi sokubheka kahle okwenzekile kulo mdlalo. Ngakho umbono wami njengamanje awusizi ngalutho.” 

UJose Riveiro, ochiphize izinyembezi ekhuluma nabethelevishini ngemuva komdlalo uveze ukujabula kwakhe, encoma nabadlali bakhe. 

“Abadlali bami benze konke okusemandleni. Akulula ke ukudlala osukwini olufana nalolu. 

“Siyafunda, siya ngokuba ngcono. Sifuna ukudlala kweminye yamanqamu ngakho lokhu kuzoba yisifundo esihle kithi. 

“Ngijabule kakhulu ngokunqoba, njengoba ubona nawe. Kujabule wonke umuntu, abalandeli, abantu beqembu, imindeni nabangani.”

Lena bese kuyindebe yesibili kaJose Riveiro kwisizini yakhe yokuqala ecija iPirates okuyimpumelelo cishe ebingalindelwe. 

FUNDA NALA: Unqabile uBrandon Truter ukuphawula ngephenathi yePirates

Lo mqeqeshi wathukwa engakafiki ngisho kuleli ngesikhathi iPirates imemezela ukuthi nguye ozoyicija kule sizini. 

Wayebizwa ngoplamba ongazi lutho ngebhola. Kodwa kubonakala esebagwinyise wona lawo mazwi ababewasho.