EzakamuvaiNedbank Cup

UPaseka Mako uklolodele ababebiza uRiveiro ngoplamba

By Njabulo Shezi

Ukunqoba izindebe ezimbili yinto enkulu kwi-Orlando Pirates kodwa umdlali wasemuva uPaseka Mako uthi kugcwalisele izitha zabo. 

UPaseka Mako, odlala emuva kwesokunxele kodwa abuye avaliswe nesikhala kwesokudla uma kushoda, ukhombe ngenjumbane ababeya umqeqeshi wabo uJose Riveiro. 

Ngesikhathi eqashwa yileli qembu laseSoweto uRiveiro, wabizwa ngokuthi unguplamba futhi kwathiwa akukho into azoyenzela iPirates. 

Igama likaplamba laqalwa ngowayengumqeqeshi weNigeria uStephen Keshi ongasekho elisebenzisa ukuchaza abaqeqeshi baphesheya abahlulwa umsebenzi. 

Wayethi kusukelwa oplamba (abantu abasebenza ukuzilungisela izindlu zangasese) nje le phesheya bazocija amaqembu la e-Afrika. 

Selingenile ke leli gama lapha eNingizimu Afrika futhi umqeqeshi abalandeli abangamuzwa kahle bavele bambize ngalo. 

Yingakho ke uPaseka Mako ebagcwaliselile ababehleka lo mqeqeshi, ethi bukani phela usenzeni uplamba. 

“Ngijabule ukuthi uplamba wethu usewine neNedbank Cup,” usho kanje lo mdlali omfishanyana kwabeSuperSport TV ngemuva komdlalo. 

“Babembiza ngoplamba umqeqeshi wethu kodwa manje buka usengumpetha. Ngimjabulele kakhulu.” 

Ube eseveza ukuthi le ndebe isho lukhulu kubo beyiPirates. “Yinto enkulu le kithi nabalandeli nawo wonke nje umndeni we-Orlando Pirates.”

UPaseka Mako akaqali ke njalo ukukloloda. Waklolodela nabeKaizer Chiefs beqeda ukuyiwashisa ijezi esigabeni semidlalo eyandulela owamanqamu. 

IChiefs yayijabule yaze yagiya ngesikhathi iqhathwa nePirates kanti lokhu uMako wakubona njengokubeya. 

“Ngiyaxolisa ukukusho lokhu… Kodwa ngesikhathi beqhathwa nathi bajabula kakhulu. 

“Lokhu (ukunqoba) sikwenzele abalandeli bethu nomndeni wonke wePirates,” washo kanje ngaleso sikhathi. 

URiveiro, oke wachiphiza izinyembezi ekhuluma nabethelevishini ngemuva komdlalo, naye uthe yinto enkulu kuye ukuwina le ndebe. 

“Ngicabanga ukuthi bekuyindumezulu kusukela uqala uze uyophela (lo mqhudelwano weNedbank Cup),” kusho uRiveiro. 

FUNDA NALA: UVictor Hlungwani uveza okushiwo umthetho ngephenathi yeBucs

“Yingakho ke kumnandi kangaka ukuwunqoba. Asidlalanga ibhola elihle kulo mqhudelwano kodwa besilwa kakhulu.” 

Uthe iPirates kumele ikhuphule amasokisi ngesizini ezayo ukuze iqhubeke nokudla izicoco.