Umqeqeshi wePirates akasiboni isidingo sokutatazela kusaqalwa isizini
SIHLE NGUBO
Umqeqeshi we-Orlando Pirates, u-Abdeslam Ouaddou, uthi amaphaphu phansi kubalandeli beZimnyama, akonakele kangako eqenjini.
Usho lokhu ngemuva kokuthi iBucs ikhale ngaphansi ngo 1-0 kwiSekhukhune United emdlalweni weBetway Premiership, e-Orlando Stadium, ngoMgqibelo.
Lokhu kubaphoxile kwaphinde kwabamangaza abalandeli bePirates ngoba iqembu labo livamise ukuthola imiphumela emihle uma lidlalela Esigodini sikaMaminzela.
Okuhlalukile nokho ukuthi iPirates ibidlala ibhola elihle kodwa langavuma ukuqhamuka igoli.
Kuze kwaba kabili ibhola lishaya ipali kodwa lutho ukungena enethini.
“Nakanjani siphoxekile ngomphumela womdlalo,” kusho u-Ouaddou odabuka eMorocco.
“Ngicabanga ukuthi besiwuphethe umdlalo futhi sakhe amathuba amaningi (okushaya amagoli).”
“Sibe namathuba amaningi okushaya amagoli…kodwa ibhola linjalo uma ungawasebenzisi awakho izimbangi zithola ambalwa ziwasebenzise.”
IPirates kuzomele ishintshe ukwenza uma seyibhekene neMarumo Gallants emdlalweni wesibili weBetway Premiership eDr Molemela Stadium, eBloemfontein, ngoLwesibili ngo-7.30 ebusuku.
IGallants iyivule kahle isizini ishaya iRichards Bay FC ngo 2-1 eKing Zwelithini Stadium, eMlaza, ngoMgqibelo.
“Ziningi izinto ezinhle okumele sikholelwe kuzona,” kusho lo mqeqeshi.
“Kusaqalwa. Nakanjani besifuna ukunqoba ekhaya kodwa kwangenzeka.
“Iqembu lidlale kahle sakhe inqwaba yamathuba, sidlala ibhola elihle, asiqhubeke nokukholelwa kulokhu esikwenzayo.
“Uma ubuka indlela abenza ngayo abadlali asizange silishaye igoli mhlawumbe ngenxa yephasi yokugcina noma ukuhluleka ukuqedela.
“Asibheke emdlalweni ozayo. Ngicabanga ukuthi kuseyiqalo, akukho okutheni okulahlekile. Kumele sikholwe.”

