EzakamuvaIbhola

Sisulile eqenjini isikhulu esidedele amavelemane kunompempe 

Isikhulu seqembu laseTurkey esidedele iqupha kunompempe, sikhethe ukusula eqenjini ngemuva kwalesi sigameko.

UFaruk Koca, ungene enkundleni engasadle nkobe zamuntu, wafike wavulela amavelemane kunompempe uHalil Umut Meler. 

Lokhu bekungemuva kokuthi iqembu lakhe i-Ankaragucu lidedele igoli lokulinganisa ngomzuzu ka-97, esikhathini ebesengezwe unompempe.

Leli qembu belibhekene neCaykur Rizespor emdlalweni weSuper Lig ebeliwudlalela enkundleni yalo. 

Ngaphandle kukaKoca kuthiwa bese kungene nabalandeli enkundleni ngemuva komdlalo.

Udlame akuyona into entsha eTurkey. NgoSepthemba umlandeli ungene enkundleni wafike wafaka ibhadada (ekhahlela) umdlali weBesiktas ngemuva komdlalo nayo i-Ankaragucu. 

Ngo-2012 abalandeli beFenerbahce bathungela inkundla yabo ngomlilo ngemuva kokuthi iqembu labo lihluleke ukuwina isicoco seligi.

“Unobhutshuzwayo akuwona nje unobhutshuzwayo kuphela,” kusho usolwazi u-Ozgehan Senuva, waseMiddle East Technical University, e-Ankara, ekhuluma neBBC.

“Lokhu kuveza indlela abenza ngayo izinto eTurkey yonkana. Abantu ababethembi onompempe nendlela abaqokwa ngayo.

“Lokhu kuyahambisana ncamashi nendlela abangethembi ngayo abaphethe umthetho ezweni.”

Mayelana nokuziphatha kukaKoca, lo solwazi uthe: “Iyona indlela ayiyona lena. Lolu usiko lweqembu lakhe. Bazishaya isifuba ngobuqhwaga: yinto esegazini kubona.”