EzakamuvaIbhola

Kuzoncishiswa abagadli kwi-Orlando Pirates ngesizini ezayo

By Intatheli yeMpempe

I-Orlando Pirates izonciphisa isibalo sabagadli bayo ukuze isale nezokwazi ukusebenza kahle ngabo ngesizini ezayo. 

Leli qembu njengamanje linenqwaba yabagadli futhi cishe alikho iqembu elilingana nayo ngabagadli kwiPSL. 

Kule siziniesanda kusongwa bekukhona oRelebohile Ratomo, Ndumiso Mabena, Bienvenu Eva Nga, Evidence Makgopa, Kermit Erasmus, Terrence Dzvukamanja noSouaibou Marou. 

Ngaphezu kwabo inabanye ebibolekise ngabo abazobuya njengoba kuphela isizini nje. 

Kulabo kukhona oZakhele Lepasa, Tshegofatso Mabasa, Boitumelo Radiopane noKwame Peprah. Lokhu kwenza babe ngu-11 sebebonke abagadli kuleli qembu. 

Nokho kuvela ukuthi kukhona abangase badedelwe noma babolekiswe ukuze kusale isibalo umqeqeshi azokwazi ukusebenza ngaso. 

“Sebebaningi kakhulu impela ngisho kungathiwa iqembu liya kodlala e-Afrika, basebaningi,” kusho umthombo.

“Ukugcina abadlali abaningi kanje abadlala indawo eyodwa akukuhle ngoba kugcina kukhona abangaseneme. 

“Uma ubheka nje kule sizini ephelayo kukhona abangadlalanga ngisho imizuzu eyishumi uma uhlanganisa isikhathi abasidlalile.  

“Okwamanje anginawo amagama abo, kodwa khona bakhona okuzomele bahambe ngesizini ezayo.” 

Ngaphandle kwabagadli, i-Orlando Pirates inenqwaba neyabadlali ebibolekise ngabo abazobuya kodw aokungacaci noma bazogcinwa yini. 

Kwabasemuva kukhona oBongani Sam obekwiSwallows FC, Tebogo Thlolane obekwiMaritzburg United noThabiso Sesane obekwi-All Stars. 

FUNDA NALA: Kube wumcimbi kaMokoena noSaleng kuklonyeliswa abe-PSL

Kwabasesiswini ibibolekise o-Azola Matrose kwiChippa United, Azola Tshobeni kwiJDR Stars, Ntsako Makhubela kwiGolden Arrows noNkanyiso Zungu obekwiRichards Bay. 

Nokho ke uZungu yona sekuke kwavela ukuthi i-Orlando Pirates ithe ngeke imgcine njengoba kuzophela inkontileka nje.