EzakamuvaIbhola

Inkakha yeSundowns ivuma ukubanjelwa kwabo kwiSpurs

Omunye owayengumdlali othandwa ngabalandeli kwiMamelodi Sundowns ngezikhathi zakhe, uJoel “Fire” Masilela uvuma ukuthi ibanje ngophondo iCape Town Spurs emdlalweni wayo nezakhe zakudala muva nje. 

ISundowns ishaye iSpurs ngo 1-0 emdlalweni weDStv Premiership ngoLwesibili ebusuku kodwa igoli libakhalisile abaningi. 

Leli goli liqhamuke ngemuva kwephenathi engacacile ebekelwe iSundowns kungafanele, yavalelwa enethini nguLucas Ribeiro. 

Umdlali weSundowns ubewiswe engaphandle kwebhokisi. Ngaphezu kwalokho, ubeqale wadlalisa kabo oweSpurs kodwa unompempe waziba. 

Manje le nkakha yeSundowns ebazi kahle ubuhlungu bokubanjwa ngophondo ngunompempe, ithi bekungafanele ibekwe leya phenathi.

UMasilela waphikelwa igoli lakhe elihle iSundowns idlala neKaizer Chiefs emdlalweni wamanqamu weRothmans Cup ngo-1999. 

Kwathiwa ulishaye esesendaweni engamfanele ekubeni kwakungenjalo. Leli goli lalizonqobisa iSundowns le ndebe okokuqala.

“Ngikhathazekile ngokushaywa kwempempe. Onompempe bethu abathuthuki, lento ingikhathaza kakhulu,” kusho uMasilela kwiKickOff. 

“Uyalwazi udaba lwami uma kukhulunywa ngokuhlulwa konompempe wumsebenzi. Wonke umuntu uyalwazi udaba lweRothmans Cup.

“Kuyadumaza ukuthi namanje sisanenkinga efanayoelokhu iziohindaphinda. Kungani lingathuthuki izinga lonompempe. 

“ICape Town Spurs ibanjwe ngophondo unompempe, kucace bha ukuthi umdlali uwiswe ngaphandle kwebhokisi. 

“U(Shalulile) udayivile esuka ngaphandle wawela ngaphakathi. Ubethinteke esengaphandle. 

“Yizinqumo ezinjena ezicasula abantu kwesinye isikhathi, bese becabanga ukuthi amaqembu athile ayasizwa noma izinto ezinjalo. 

“Nokho akunjalo, yilabo nompempe nje abazihlulelwa wumsebenzi, kumele isukunyelwe le.”